Umbono: Gcina ivoti lakho liyimfihlo ungaze uboshwe

2016-08-02 14:30

Durban - Abe-IEC bakhipha isimemezelo sokuthi akukho semthethweni ukuthatha izithombe uveza ivoti lakho, kodwa sengathi abantu abalaleli.

Lesi sixwayiso sakhishwa ngenyanga edlule, kanti kusaqalwe amavoti akhethekile, kodwa sekukhona abantu abazithole otakwini lokuveza izithombe zamavoti abo ezinkundleni zokuxhumana.

UDJ Sox kanye neMeya yaseMhlathuze iMdu Mhlongo bavele ephepheni iSOLEZWE beveza amavoti abo.

Ngisho sekuthiwa ujabule kangakanani ngokuvotela iqembu lakho elikhethekile, funda ukuzibamba kube kanye nje.

Nansi imibono yabafundi bethu:

Thulani Myeki Yazi abantu le nkululeko yabo ibagulisa ngamakhanda baze bangabe besafuna ukugcina umthetho, ukuthi ukhululekile lokho akukaze kwasho ukuthi phambana nomthetho obekiwe, labo-DJ iyaxaka nje eyabo ngoba bafana nabaholi kubantu kodwa benza izinto ezibhedayo ngathi bangambopha ngoba kuwumthetho owabekwa i-IEC.

Njabulo Lethabo Simelane Ivoti lami aliyona imfihlo kodwa yintando, kukimi ngikhetha liphi qembu ngizovota noma angeke ngiyalishutha ngilifaka ezinkundleni zokuxhumana konke lokho kukimi ayifune muntu leyo!!!

Sthe Eric Phato Akaboshwe loyo batheni na bona oDj laba ngathi bafuna ukuphuma esandleni nje yingako nje sithenga ama-fake wama CD wabo ngoba bayabheda bona ngabe balwa nalabantu abadayisa umculo wabo emigwaqeni balibele yipolitiki izobenzelani.

Maxe Khothakome Mkhize Uma bengezwa abantu abadumile kmele kwenziwe njan ngoba i-IEC isidonse ngamadlebe yathi akungashuthwa voti futhi alibe imfihlo.kodwa lohluthukani nesihluthu sase angola ubhizi uzophula umthothe ebe ewazi kahle futh eyi display ebantwin abaningi.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter  

- News24

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.