UMBONO: ‘IBhayibheli ngeke lishintshwe ngenxa yabathile’

2017-01-23 13:00

Durban - Unontandakubukwa wakuleli, uSomizi Mhlongo, udinwe uthelwa ngamanzi kulandela isigameko esenzeke eGrace Bible Church, lapho ethi umfundisi ushumayele wagxeka izitabane wazifanisa nezilwane ezinyanyisayo.

USomizi uthi lokhu kumnyanyise ngendlela yokuthi uvele washiya isonto liphakathi wabona afike ngayo.

Sibe sesicela abafundi bethu ukuba baphawule ngalokhu.

Nazi ezinye zezimpendulo esizitholile: 

Khothakome Othandwa Abantu Abaningi Kanti abefundisi kumele kubekhona ingxenye abayeqayo eBhaybhelini ngoba bazogxekwa? Mina ngithi kuncono ukuzondelwa iqiniso kunokuthandelwa amanga.

Tshepo Malao IBhayibheli lihambisana nobugqila ngoba vele labhalwa abantu abangababandlululi. Kodwa ligxeka ubutabane, ukuzala ungashadile, ukudla ukudla okuthize, ukukhonza omunye uthixo.

Angisona-ke kodwa isitabane mina, ngangishumayela nami ngaphambilini. Kukhona izinto engangingahambisani nazo eBhayibhelini ngabuye ngabona ukuthi umsangano le nto elana.

Vusie Mdletshe Ngikholelwa ukuthi umfundisi ubeshumayela ngento esembhalweni weBhayibheli kakadeni bahleze beshumayela abefundisi ngezinto ezingalungile manje ngiyaxakeka ukuthi uSomizi yena ufuna kukhulunywe ngezinto ezithandwa uyena. Akehlukane nomfundisi phansi.

Fairhope Sbusiso Mchunu Yebo, kona ngiyavumelana nokuthi iBhayibheli limelene nobutabane limelene futhi nomuntu oya ocansini engashadile. Lowo-ke wamukelekile yini esontweni noma nothi umuntu oseke walala akamukelekile naye esontweni.

IBhayibheli lithi kuMatewu 7 ubhekelani umucwana esweni lomfwenu ukhohlwe ugongolo olusesweni lakho na. Liqhubeke lithi ningahluleli ngokuba nani niyakuhlulelwa.

 Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24


Funda okunye ukuphawula ekhasini lethu likaFacebook.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.