UMBONO: ‘Izenzo zaMengameli angizithandi kodwa uyangichaza, angazi kanjani’

2017-06-23 12:29

Durban – Abawuvali umlomo abantu ngokuphawula okwehlukene okwenziwe nguMengameli Jacob Zuma ngesikhathi ephendula imibuzo eyehlukene yamaLungu ePhalamende ngoLwesine ntambama.

UMengameli ufika nje ubesevele elindwe ngabomvu njengoba amaLungu ePhalamende amaqembu aphikisayo ebeselindele ukumpheka ngobhojwana ngezinye zezihloko ebezilokhu zishisa ibunzi kuleli.

UMengameli ubengakaze avele ePhalamende selokhu asusa umsindo ngesinqumo sakhe sokuhlela kabusha iKhabhinethi yakhe nalapho kwaxoshwa khona oNgqongqoshwe okubalwa kubo nowanguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan; ukwehliselwa esigabeni esiphansi sezinga lomnotho waseNingizimu Afrika izikhawu ezintathu kanye nokuputshuka kwama-emails aziwa ngama-#GuptaEmails naveza ubukhulu bomthelela umndeni wakwaGupta onawo kuMengameli Zuma, umndeni wakhe, iKhabhinethi kanye nezinkampani zikahulumeni. Ngaphambilini uZuma wabuvikela ubudlelwano bakhe nabakwaGupta, wabachaza njengabangani.

OLUNYE UDABA: UZuma uzobhekana nokusula, nokulawulwa kombuso ePhalamende

Yize noma amaLungu ePhalamende amaqembu aphikisayo ebelokhu empheka emthulula uMengemeli ngemibuzo kodwa uvele wabonakala engakushayi ndiva, ezikhululekeke, ekhombisa ukuba nesibindi futhi eshaya namancoko kanye nohleko lwakhe adume ngalo.

Iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana lizwakalise ukuchazeka ngendlela eMengameli Zuma abephundula ngayo.

Zifundele eminye yemibono yabafundi beZindaba24 lapha ngezansi:

Nokwanda MakaPunkie Mdzere - Hahahahahahahaha yazi izenzo zikaMengameli wami angizithandi kodwa ngandlela thize uyangichaza, angazi kanjani, njengalezi zimpendulo zakhe nje ave zingshaya ding dong.

Konke Konke - UMhlanganyelwa lona. Izitha ziphenduke abangani kayisikhombisa zizama le ndoda. Shaya Nxamalala sihambe akhobantu. Uma bekhona sobabona ngokhetho oluzayo.

Sibusiso E Khumalo -Yazi uma ubuka inkinga lana uDuduzani Zuma nobungani anabo neGupta.

Dlamini Zoh - Hamba Msholosholo iyangichaza eyokhuluma isiZulu kade ngasho ngathi nguMzulu lowa akwenqenakali ukuthi aphinde abuse futhi elinye ihlandla enzela ukunicika nje bokhulumani.

Bhele Khuboni - Siphathe baba ungafundanga unjalo. Waziphatha nezifundiswa zezihlakaniphi kodwa kaze ngizwe kuthiwa unotolika shem kwaba mzondayo.

Gogo Mantombana Dlamini - Ngizwa sengimthanda kakhulu-ke manje. Ngabe yila mazwi akhe ayisisoka? Yerr angisazi Nxxamzo Nxamalala.

Njabulo Njivah Nkosi - UMengameli phela indoda leya yabona iyaziqhenya ngolwimi layo futhi yazi ibaphendulile bazwile ngalendlela engijabulisayo futhi sihole Msholozi, Nxamalala wethu sakuvotela sikwethemba sikwazi futhi ukuthi uyindoda esingayethemba elakho lelizwe sihole baba.

Nondumiso Gloria - Indoda emadodeni ubaba uMsholozi asinavalo, awulona igwala.

Evon Maliyavuza Ncube - Iyakhuluma njalo inesibindi le nsizwa kuyasho ukuthi yelusa yaqathwa. 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.