Umbono: Izimfihlo

2016-04-26 13:32

Durban -  Ngemuva kwemibiko ethi uMtshengiseni "Indidane" Gcwensa, wakhipha umyalelo wokuthi incwadi ebhalwa ngaye mayelana nezimfihlo zakhe nangokuthi wayesebenza ngokubulala abantu.

Iningi labantu bahamba nezimfihlo ezimbi kabi, abanye zingabachithela nemizi, ezinye zihlukanisa phakathi imindeni kanti ezinye zingafaka abantu abaningi emajele.

Ngabe unayo imfihlo, uma unayo ukhona omunye umuntu omethembayo ukuthi akasoze akuphoxa ngokuthi agcine esezikhipha izimfihlo zakho uma kwenzeka nixabana.

Nansi imibono yabafundi bethu:

Bongs HlongsMina-ke ngokuphendula kwami igama elithi imfihlo liyazisho into eyimfihlo kimi iyohlala ingeyami ngedwa sobe ngayikhipha ngoba ukuyikhipha koyedwa u-100 wabantu uyoyazi ekugcineni yaziwe yiwo wonke umuntu ngiyabonga.

Mzamoz King Khunta Delwa Hawu kanti ubeyinkabi lo mlisa hhayi izono zakhe usebhekene nazo manje ezulwini.Nami kodwa wayengifuna phansi phezulu ngavesane ngamtshela ukuthi ngathi eziphephukela nje uzongenzani?

Nontokozo SimelaneMina nginaye umngani esikhuluma imfihlo zethu sobabili kukhona okwethu okuhlala efubeni zethu noma singaxabana kanjani ngeke uzwe kuthiwa khona osethe ngomunye kodwa ngiyamthanda naye uyangithanda abantu sebeze basibiza ngamawele nje.

Mshugulu Sokhela Sboh Ngoba abantu abazwani neqiniso. Into engiyibonayo-ke nje isiyinyathele emsilenike lentatheli eyanikwa nguMtshengiseni esaphila umsebenzi wokuthi ibhale le ncwadi echaza wonke amaqiniso ngempilo yakhe. Isizozondwa-ke manje le ndoda ebhale l encwadi kuthiwe iyamsukela lomfo wakwa Gcwensa ngoba engasekho. Kanti sibaningi esakuzwa isaphila iNdidane ukuthi iphakamise ukuthi kubhalwe incwadi yomlando yempilo yayo. Ezintweni zonke ebengizigxeka ngomfokaNdimande ngeyodwa-ke engingayincomayo le. Yokuthi alembule iqiniso ngobuyena ukuze abantu bamazi kahle ukuthi ubengubani. Yize engasukho.

Ntomby Mashenge Masibalkhulu Mashimane Imfihlo iyimfihlo ngoba igcinwe wuwe mnikazi wayo uma uke wayixoxela omunye umuntu ngoba uthi uyamethemba khohlwa akuseyona imfihlo leyo usuzoyizwa isixoxwa abantu owawungakaze ubatshele yona. Kungcono ukuthemba itshe kunomuntu.

Thamsanqa Mc Tammzoh Gamede Jr. Tjooo admin ihlekisana ihlomile, phela akulula ukuthemba umuntu ngoba omunye angakucabangela usathane asizikale ngawe akekho umuntu oyingozi njengomuntu ocasha ngokukuhlekisa abe ekwenza isilima.

Bhekani Joel Mabaso Awu ngisho nje le ndoda ilokhu igula ingafi kanti ibivinja amacala ayo, ubenikwa ithuba lokulungisa amacala akhe kodwa akazange awalungise ngoba akayanga kule mindeni abulala kuyo,usazulazula khona la emhlabeni.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

-News24

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.