UMBONO: Izinkampani azibatsheli abasebenzi ngezinsiza zokubathuthukisa

2017-02-17 11:03

Durban -  Inkulumo-mpikiswano yasePhalamende iveze ukuthi abantu abansundu bahola imali encane kakhulu uma kuqhathaniswa namaholo abamhlophe.

Lapha kubuye kwavela ukuthi bancane kakhuku abantu abansundu abasezikhundleni zokuphatha abahola imali ebafanele.

Ngabe lokhu kwenziwa yini?

Iningi labasebenzi ikakhulukazi labo abasebenza ezinkampanini ezinkulu ezingamafemU bakhala ngokungawatholi amathuba okuthuthukiswa kwamakhono kanye namathuba okuqeqeshelwa izikhundla zokuphatha.

Babodwa abakhala ngokuthi izimenenja azibatsheli uma kukhona izinhlelo zokuqeqesha, futhi kwesinye isikhathi batshelana bodwa.

Abanye bathi abatshelwa ngoba bayacindezelwa futhi abaphathi babanomona wokuthi bazothuthuka bese kwanda amathuba akuqhudelana ngokwezikhundla.

Nansi imibono yabafundi:

Thandazile Jili Cha sizani bo kumanje kuqashwa abantu sikhona asitshelwa esikoleni sibona ngamafomu nabantu bengena ehhofisi kubuhlungu ngoba makuvalwa izikole kuthiwa ngeke sisabuya ekubeni babethe ngeke besasishintsha.

Shortcode V. K. Mgwiji Cha, langikhona kuthuthukiswa amamenenja kanye nabathile abasebenza emahhovisi. Nemigudu ekufanele ngiyilandele uma ngihlukumezekile ayicacile kahle. Ngingaya kwinyunyana, kodwa kuyenzeka nayo nyunyana leyo ibe yingxenye yabahlukumezi. Uma umunt ezama ukuthola ummeli wangaphandle kuthiwe akavumelekile ukngena ngoba kuesivumelwano esathathwa yinyunyana nabaphathi esith abafunek abammel bangaphandle.

Sandile Makhathini Kumele ube lolwazi/ufunde "Employment equity act No.55 of 1998" Khona uzokwazi ukuthi umqashi umubamba kanjani ngalokhu angakwenzeli khona.

Sphamandla Dlamini umuhlukumezekile emsebenzini kumele uthathe iskhwama sakho ubuyele ekhaya uyothenga inkomo wenze umcimbi,  kuyacaca ukuthi kukhona ongakwenzi kahle ekhaya.

Lindiwe Lindy Ndlovu La ngikhona baqasha abathandwa yibona ikakhulukazi amandiya nabelungu, uma kufika umuntu omnyama ezocela ukushiya icv kuthiwa akangene kwi-inthanethi. Hhay ubandlululo luza kabi impela mina ngiyitoho kodwa abantu baqashwa ngapha nangapha.

Ngesonto elizayo sizoxhumana nabomnyango wezabasebenzi basicebise kabanzi ngalolu daba.Umaunemibuzo ungayithumela ngemeyili noma usishayele ucingo kusenezikhathi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.