UMBONO: Kuthiwa wusuku lwamalungelo abantu

2018-03-21 12:01

eThekwini - Ngalolu suku sikhunjizwa ukubaluleka koluzimela ulwele lokhu okukufanele ngaphandle kolucindezela abanye abantu.

Yize kunjalo abaningi abasebenza emajalidini, ezikontrakini nasemafemini abangawazi amalungelo abo futhi akukho la abangabuza khona ngoba bazophucwa lona lelitoho elibondlayo.
Esikhathini esiningi akekho obalwelayo ngoba nohulumeni ubakhumbula uma esedinga ivoti labo.

Babodwa abakhala ngokuthi badayiselwa ingulube esesakeni ngo-1994 bethenjiswa inkululeko eza nezinguquko ezingcono.

Izindawo zasemadolobheni yizona ezibhekelelwa kangcono nezithola izidingongqangi ezingcono kunasemalokishini.

Angisayibali eyabasemakhaya koMzumbe, koNquthu lapho bagcina ngokubona kwakhiwa amadolobha kodwa lutho ukunakwa.

Uma bebhikisha abantu ngoba phela uhulumeni uyashesha ukufika uma kuvalwa imigwaqo..kuthiwa phela kwento abayaziyo abantu.

Lawa malungelo esigabiselwa ngawo ngabe ayasisebenzela na?

NANSI IMIBONO YABAFUNDI:

Bheshu Qawe Abantu bakithi basosizini, kodwa kukhona abakhethiwe ukuba babamele kodwa izicuse, emaplazini baphilisa okwezinja,amalungelo abo anyathelwa ngenyawo, usisi nokuhlupheka impilo yabo yemihla ngemihla, abanye sebalala kobandayo baphumula, konke sesikubeka kusomadla ngoba ayikho into esizoyonza uhulumeni akasinakile.

Simon Molamodi Kganye Phela eNquthu iphucuzwe njee ngelobhothi elilodwa njee qha kusukela  kwabakhona inkululeko kuleli akukho okunye okuncono

Xolani Qashwangefoni Zulu Ey kubhlungu okwasemzansi kunini kwathiwa kzovalwa ama-labour brokers, yingoba nabo labozisu ezinkulu bayadla ngawo!

Mfanufikile Ntlangula UMantashe izolo akawenzanga amalungelo abantu,kodwa namhla bathetha ngawo anc ngabelungu indlela abayimbayo akho mehluko

– Landela uSindi kuTwitter (@Sindi55).

– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

DisclaimerINews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.