UMBONO: Lala uphumule 'Gunman'

2017-06-13 11:21

Durban - Alokhu egeleze njalo amazwi enduduzo kulandela ukudlula emhlabeni kukaChristopher 'Gunman' Kubheka owaduma edlala indawo kaGunman kuYizo Yizo.

UKubheka utholakale eshonile kubo eSoshanguve, eTshwane, ngoMsombuluko ntambama kanti kusolwa ukuthi lo mlingisi uzibulele.

Umndeni usalinde ukuhlolwa kwesidumbu ukuthola ukuthi ubulawe yini.

UKubheka wayedume kakhulu ngoGunman emdlalweni iYizo Yizo owawuboniswa ku-SABC1 kanti futhi wayaziwa ngoBazooka kwiZone14, nayo eyayidlala ku-SABC1,

Isihlabani somculo weKwaito, u-Arthur Mafokate, sibhale ku-Twitter ngoMsombuko ebusuku ukuthi akasekho emhlabeni lo mlingisi.

Sithi dudu emndenini nakubangani.

Mbuso Nkomonde EThaleni ENkandla Impela isitsha esihle asidleli. Kuhamba abantu abanamakhono amahle emphakathini, kusala abadlwenguli, omalugaju nabanamakhono okuthukana nezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana. RIP Gunman, uzokhumbuleka ngekhono lakho.

Mubiza WaMagoza Qoh Zikode Ahamba amaqhawe madoda kancane kancane. Aphumule ngokuthula nomndeni wakhe ududuzeke.

Sizwe Richard Awuuuu ezibuhlungu ke lezi, uphumule ngokuthula iqhaza lakho ulibambile kulo mhlaba, niduduzeke emndenini naseMzansi ngeqhawe lethu.

Dlamini Mg Ulale ngoxolo, kubuhlungu ukubona amaqhawe edlula kangaka. Mhlawumbe kukhona la ekonakele khona.


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.