UMBONO: Lufana nomlilo wamaphepha uthando lwakuFacebook

2016-11-10 16:02

Durban - Sekukaningi sibona abantu begqamisa ukuthi basebudlelwaneni (baqomile/baqonyiwe) ezinkundleni zokuxhumana, sathi asizwe uvo lwabafundi bethu ngalokhu.

Nasi imibuzo esiyibuzile:

Ngabe kuwumqondo omuhle yini ukuthi uthi uqome/uqonywe izolo bese ubhala kuFacebook uthi "In a realtionship"?

Ngokwakho kungabe sikhona isikhathi esibekiwe ngaphambi kokuba utshele izwe ngobudlelwano bakho nothandiweyo wakho?

Nazi izimpendulo:

Precious Meyiwa Khanyisile - Umqondo obhedayo futhi wokungaqaqeki. Ngeke uthi usanda kungena kwi-relationship izolo ngakusasa usuwazisa wonke muntu  ngoba kungenzeka ukuthi izinto zingahambi kahle.

Kuhle ukuthi izindaba zakho zangasese ungazineki ezinkundleni zokuxhumana.

Sthembiso Van Der Langa - Admin kuwumqondo obhedayo nje lowo. Kuyoba nini usitshela ukuthi uqonyiwe/uqomile? Kungcono nivele nisivezele izithombe zomshado okungcono ngoba kuyafana nisuke nisazohlukana nalowo muntu. Ngendlela engibona ngayo kusuke kuwukuphapha nje okwenziwa abantu besiqinela.

Muuzie George NsibandeNgendlela aseshesha ukwakheka nokuphela ngayo amaRelationship angiboni nkinga mina, futhi sekumele nibungaze no-1 Week Anniversary ngoba unyaka uphela kanzima uma uphelile nisaqhuba.

Thembs MantuliUkuphapha nje lokho ngoba futhi lolu thando olundiza koFacebook lusheshe luphele nje esikhaleni.

Menzi Ka DlaminiMina ngikubona kuwukuqina nje ukuphaphela umhlaba nge-relationship yakho engeke iqede ngisho iviki leli. Uma ngabe uzazi, sikuphi isidingo sokutshela thina?

Sphelele MdletsheUkuphapha lokho futhi lobu budlelwano bujwayele ukungahlali isikhathi eside, ngemuva kwamaviki ambalwa ubona umuntu ese-Single futhi.

Malusi Xolo – Lutho, akuwona neze umqondo omuhle ngoba kusasa uzothi uma usunezinkinga lapho bese kuba nzima ukuthola uthando olusha, ikakhulukazi abesifazane kuba sengathi baxegelwa yisimilo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.