Umbono: Ngabe ufuna umshado wesintu noma umshado omhlophe

2016-07-04 13:32

Durban - Umshado wesintu, abantu abaningi bawuthanda ngoba awudli kakhulu ephaketheni.

Iningi labantu likholwa wukuthi lo iwona mshado wangempela ngoba phela yiwona okuxhumanisa nedlozi lasemzini ikakhulu kumuntu wesimame oganwayo.

Yize kunjalo, kukhona phela nobuhle bobukhazikhazi bomshado omhlophe. Umuntu wesimame uthanda kakhulu ukuzibona esengena eSontweni ngengubo yakhe enhle.

Ubuhle bokuhlanganyela nemindeni nabangani esontweni, nishadela endaweni yomtakabani.

NANSI IMIBONO YABANYE ABAFUNDI: 

Lunga Zumz Owesintu ngoba ugcotshwa ngawo ukuthi usungumakoti ngokugcwele walapha ekhaya. Lo  omhlophe usuke sowenzela nje abantu,nokuthi ubukwe phela kumnandi ukubukwa uma wenza into enhle.

Nikeziwe WaseVuna Buthelezi  Umshado wesintu awusuka madoda,s engiphethe isinqindi ngapha, yihawu ngapha, ngihaya inkondlo ngidlalisa isidwaba yeyyy ungangithinti we-Admin kuvuka usinga manje.

Stillfunky Mntwana Mina omhlophe ngoba ngizothola i-certificate okuyisona esivimba umkhwenyana angathathi omunye kanti lo wesintu awunasivimbezelo angathatha ngaphezu kweshumi bandla.

Muzikayise Nhlaka Zondo Awesintu yiwona engiwuqondayo kunalona wesilungu engawazi ukuthi uvelaphi wafika nobani .owesintu ngisike ngeze usinko lwami ngedlela yakhona enjabulisa nabaphansi abangasekho.

Zamani Mjeyi Shange Umshado Wesintu Ubalulekile ngoba ubikwa naseDlozini kwabangasekho isikompilo.

Sphephile Mathenjwa cha mina nginendaba nesitifiketi ukuthi sifike ngesintu noma ngesilungu akunamsebenzi lokho inkani uma sikhona usungangizama ngaso ke-Admin.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Izindaba.News24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.