UMBONO: Siyavuma ukuthi inyanga yembokodo, kodwa…

2016-08-18 13:30

Durban - Yebo siyavuma ukuthi inyanga yembokodo kodwa, ewu imibiko evelayo ngezinto ezenziwa abantu besimame ayibavezi kahle.

Alishoni ilanga ungezwanga ngomuntu wesimame ozovela enkantolo ngokubulala ingane, ngokweba ingane, ngokugila indoda noma ukwenza okuthile okuphambene nokulunga.

Kanti kwenzenjani kwinzala bantu, usho ukuthi sesiphelelwe isimilo uthando nozwelo ngaleyo ndlela?

Yini ekumele yenziwe abantu besimame ukubuyisa isithunzi sabo kanye nokuthembeka njengenzala bantu.

Kwayaphi ukuba ngunkosikazi nomama oqotho emndenini nasemphakathini.

Buswangubani Sangweni uyasho umbhalo'ngcwele, uthi unkosikazi ohlakaniphile uyayakha indlu yakhe, oyisiwula bhidliziyane ngezakhe izandla, kukuweke ukuthi wena uwela kubaphi kwabahlakaniphile noma ebuwuleni! inkosikazi eyisiwula ith ifika nje ekuganen ithi " angibafuni abakini bayangisinda yazi" 
ohlakaniphile ubuza ukuthi abantu balakhaya bajabula mawubenzela ini?

Qedakusemnandi Bongs Hlongs Umama oqotho othi mayengena emshadweni azi ukuthi lapho eya khona uyokwakha akayile ukuyibhidliza uzama ngawowonke amandla okuvusa umuzi wakhe noma ngabe kunezinqinamba ezinjani kodwa isikhohlakali somfazi esisuke size ngezinhloso siyawubulala umuzi. Buka nje umama ocula kuMthente bagana babathathu washona ubaba uMthalane kodwa lomama wakwazi ukufaka isaka kulezinye izindlu wakhulisa ingane ezinye ucula nazo isikhohlakali somthakathi esisuke size ngezinhloso ngeke sakwenza lokho

Babalwa Yotwana hhayii kunzima bo emhlabeni Nkosi izinto ezenzekayo njengoba ngisabafuna nje abantwana  kunje uthi ngeke ngilunge.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.