Umbono: 'Ucacile umlayezo wakhe'

2017-06-07 18:00

Durban - Uthi akasabazi ubuthongo owesifazane ngenxa yezigameko ezenzekayo zokubulawa kwabantu nokwebiwa kwezingane ekubeni uNkulunkulu ekhulumile naye.

Lo wesifazane uthi uNkulunkulu wathi akakhuze konke okubhedayo okuqhubekayo emhlabeni - lokhu kwenzeka ngo-2013 esaxinwe wukugula lapho avakashelwa khona nguMariya kanye nabahlala naye.

Baphawule kanje abafundi:

Ndlovu Mthuthu Thuthukani uthe: Ukhona impela umyalezo wakhe kodwa nokugula ngomqondo kukhona libhubha kuye uqobo. NoMbhoro wathi ubuya ezulwini ufice uJesu enentombi yomXhosa, noJesu waSeshowe akazibekile phansi wabanjwa eshayela ngaphandle kwezincwadi wathi ushayela ngeyaseZulwini. Lalelani akekho noyedwa oyakumbona uJehova ngamehlo enyama kepha niyobona imisebenzi, indlela eya kuye idlula ekufeni.

Nomthandazo Ximba Nkosi uthe: Noma ngabe sibona ukuthi ayilona iqiniso indaba yakhe yokuvakashelwa uMariya noNkulunkulu kodwa umyalezo wona awudingi nokuthi size silale siphuphe noma siboniswe. Vele umhlaba ubolile konke okwenzekayo kuyintukuthelo kaJehova asilungiseni izindlela zethu. Indaba yokuthi siphila isimanje ayisebenzi leyonto ngoba izinto zoniwa yilokho. Ekugcineni ngisho nezingane zethu sizikhulisa ngendlela engalungile eyenza bangakwazi ukuhlukanisa okuhle nokubi.

Gugu Maphumulo uthe: Heyi akekho ongalandi ndaba athi uyazi kangcono kwesinye isikhathi akumele siphikise kumele sihlole imimoya, sekusebenza lokho manje. UNkulunkulu kubantu bakhe ukhuluma ngezindlela ezingafani namadimoni kuyenzeka azenze uNkulunkulu kodwa asingamuphikisi bakwethu ngoba vele kuyenzeka uNkulunkulu azokhuluma nomntwana wakhe. Kodwa ngike ngasho ngathi akekho ongathi wazi kangcono. Uma ethi wambona ubuso nobuso angifuni ukumphikisa ngoba nokholo lwethu alufani, njengoba engakaze afike kimi ubuso nobuso kodwa ngeke ngimphikise othi umbone isiqu sakhe.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.