Umbono: Ukushadela emafulethini

2016-05-09 14:33
Durban - Kwenzeka kanjani ukuthi umshado ungaphumeli eKhaya, kodwa uphumele kwezinye izindawo njengasemqashweni osemadolobheni, yize ninalo ikhaya nobabili ningabashadikazi?

Kubikwa kubani efulethini ukuthi usuyaphuma uyogana?

Nansi imibono yabanye abafundi bethu:

Mandla NgubaneUbaba nomama bahlangana edolobheni baze bathola abantwana bangaphinde balibhada lapho bezalwa khona. Yingakho kunje futhi bobabili abazali ngabe abomfana noma intombi abazilutho ngomnsamo nangokuthemeleza.

Shlengile MaphumuloUzoba umfazi wephepha lowo kanti nakamkhwenyanya amadlozi akhona azozibonela intombi ekhwishizela egcekeni. Umuntu kumele akhishwe ngembuzi kubo bese amukelwa ngembuzi futhi kamkhwenyana. Loyo futhi wembuzi kuphela usuke engakapheleli mengacoliwe.

Sizwe DlaminiAsiyibeke icace leyo akuwona umshado benze iphutha babiza enye into ngomshado cha akusiwo umshado futhi nathi asingabi salifaka elomshado ngoba kuhluke kakhulu nomshado kakhulukazi uma ungumuntu omnyama.

Nontokozo SimelaneKusuke kungesiwo umshado lowo basuke bezidlalela ngemali yabo labobantu ngaphandle uma kungumuntu ongenalo ikhaya owalahlwa abazali engabazi ukuthi bangakuphi kodwa onekhaya usuke esadlala.

Debac Dalisu MaphangaUmshado isimiso sikaNkulunkulu, lapho ababili bevumelana kuqala ngokuba ndawonye impilo yabo yonke, bese beya kubazali nalo mbono uma abazali bebavumela bese beya kumbusi wezwe yena ebambisene nenceku kaNkulunkulu uma uMbusi wezwe ebavumela naye inceku kaNkulunkulu ibe isibabusisa sebeshadile. Okunye okungekho kulokhu engikushilo kuyimiso zabantu. Khethani-ke ukuthi nikhetha ukulalela uNkulunkulu noma izimiso zabantu.

Londie Nzaca: Asikholelwa entweni eyodwa, mawubiza amadlozi akini akusho ukuthi nabanye kumele bewabize, abanye ithemba labo likuJehova ongadingi msamu. Masingagxekani yenza okthandayo uyeka abanye.

Jabu Ngubane:  Ngiyezwa uma bethi uNkulunkulu ukhona yonke indawo, yebo kunjalo. Bona abazali bayazi nje? Uma bazi kulungile. Amasiko noma cha, akungabikho okhalayo. Umbhalo uthi: Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni. Uma senza izinto asiqaphele singenzi abantu bagxeke insindiso kube kungeyona ethe asenze kanjalo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.