UMBONO: "Ungene ngenxeba njengempethu"

2017-01-27 16:01

Durban - Akukapheli nosuku kumenyezelwe ukudlula emhlabeni komculi wowokholo uLundi Tyamara, kodwa sekukhona abantu abanemibono ngaye.

Izwe lonke lisashaqekile ngokudlula emhlabeni kwalesi sihlabani yize besigula, kodwa ithemba yinto eyayihlale ikhona ngokuthi uzolulama.

Umndeni walo mculi usaphithene amakhanda ngokuthi kuzokwenziwanjani njengoba isimo sesinjena.

Osaziwayo mbumbulu abatholakala ezinkundleni zokuxhumana babona isifo sikaLundi kuyindlela elula yokwandisa udumo lwabo ezinkundleni.

OLUNYE UDABA:"Ulwile uLundi kodwa kwamnqoba ukufa"

Unembeza usuke ungasekho uma uzobhala, ubhalele umphakathi wonke ukuthi kwenzeke kahle ukufa kwagadla emzini othile ngoba nakhu ekhaya kini nisajabule niphelele nonke.

Umuntu usho konke athanda ukukusho ezinkundleni zokuxhumana azi kahle ukuthi bambalwa abantu abazi imvelaphi yakhe ngakhoke akukho lula ukuthi amahlazo akhe ahlale obala?

Imibono yabafundi ngalokhu:

Khanyisile Carol Sibiya Sibiya Yeyi abanye abantu abeve bekhuluma kabuhlungu phela ayikho into ebuhlungu njengokudlalwa ngesifo ngoba sona asifani nomshado ukuphuma komphefumulo kubuhlungu emndenini bese kuzoba khona abadlala noma isikanjani kunokwenzeka ukuthi nawe ububhala umbhalo wokugcina ngalombhalo wakho lingamenyezwa nelakho igama.

Zandile Buthelezi Kunabantu abafuna ukunakwa yazi kusamele senze kanjena ume wabhala into engasilet kumele ake angaphendulwa umuntu abukwe nje.

Nomkhemezelo Qhubinjakazi Nomvula Khumalo Ngiyabonga nkosi ngoba abazali bami babengadumile ngthemba nemiphefumulo yabo iryt laphekhona ibuhlungu "ento engiyifunda lana futhi ayinginiki ukuthula engathi uNkulunkulu angangenelela emqondwemi walesithutha esinentamo emfishane ukulawula umcabango waso noma kufe sona kuqala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.