Umbono: Uqhekeko kwi-ANC KwaZulu-Natal

2016-05-24 13:32

Durban - Uqhekeko kwinhlangano kaKhongolose lukhulu esifundazweni sakwaZulu-Natal njengoba kwakunemibiko yokuthi kunamalunga ambalwa aphezulu atshelwe ukuthi azehlele wona ezikhundleni zawo ngaphambi kokuba axoshwe.

Abantu abaningi bebekuthatha njengamahemuhemu lokhu sengathi abezindaba bazama ukuqala izinkulumo. Lokhu kubonakale ngenye indlela ngesikhathi uNdunankulu waseKZN uSenzo Mchunu ememezele ukuthi uyasula esikhundleni.

Kaze uyofika sekunjani umhlaka 3 kuNcwaba 2016 njengoba kumapeketwan. Ngabe likhona ithemba lokuthula kwaZulu-Natal noma kukhulu okuzayo?

Nansi imibono yabanye abafundi bethu:

 Njabulo Nzimande Ngwekazi Mina ngicabanga ukuthi kukhulu okuzayo, uMchunu uyindoda ehlonishwayo futhi ebilalelwa kodwa ngoba esephonse ithawula nje impela lukhulu liyeza. Ngaphandle nje kokuba khona kwesilo kodwa kwezombusazwe kusazoba nzima kakhulu la esfundazweni sakwaZulu Natal. Njengoba kuvele nje isimo simanzonzo kanti futhi iKwaZulu-Natal iyo ehamba phambili ngokubulawa kwabantu okuhlanganisa kuwo namakhansela. Lokhu kuyibeka obala ukuhle kwezinqa zesele ukuthi umbango wezepolitiki mkhulu esifundazweni

Smangaliso Mbatha Mbeje IsiZulu siyasho ukuthi ayinuki ingosiwe lokhu kufakazelekile namhlanje ngoba abamaphepha kade bayizwa le ndaba okusobala ukuthi nalaba abanye oMEC nabo bayalandela.

Wilberforce Mbuthu Uyabona ipolitiki mfethu kweesula abantu emsebenzini ababenayo bezozicebisa kulohulumeni wabantu abampisholo ,kumanje ke badlana bodwa njengezilwane zasendle ngenxa yemali lena yethu thina bakhokhi bentela ,uma wena ungayikhokhanga intela kungelona iphutha lakho maye maye emva kwakho befuna lemali kuthiwe uphule umthetho , ungcono khabazela uphume usadla anhlamvana ukubonge lokho.

Leendokuhle Mqadi uMchunu wenza ubuxoki ethatha isikhundla saWillies Mchunu owayisekela laZweli mkhize ekwakumele kungene yena njengoNdunankulu kodwa usenzo wambangisa so iqgubu leli elidala uzobona zofakwa umchunu uwillies ukumduduza manje.

Samukelisiwe Mkhize lukhulu luyeza luyanyelela dadewethu kababa,angiluboni uzinzo futhinje mancane amathuba okut I-ANC ilibone elidlalayo okhethweni lohulumen basekhaya.

-News24

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.