UMBONO: ‘UZuma uzosiqambela amanga, kungcono amemezele ukuthi ushiya nini’

2017-02-09 11:00

Durban – UMengameli wezwe, uJacob Zuma, kulindeleke ukuba athule inkulumo ebhekiswe esizweni iState of the Nation Address (SONA) ngoLwesine kusihlwa.

Ingqikithi yakulo nyaka, ithi: “Unyaka ka-Oliver Reginald Tambo: Senza ubumbano sindawonye ukuyisa iNingizimu Afrika Phambili”.

Kodwa-ke abanye babafundi beZindaba24 bakubeke kwacaca ukuthi abasayigqizi qakala le nkulumo kaMengameli njengoba bekhala ngokuthi kuhlale kuphindaphindwa izethembiso ezizodwa futhi ezingagcinwa, ngakho kungaba ngcono ukuthi uMengameli avele amemezele ukuthi uzibeka nini phansi izintambo.

OLUNYE UDABA: ‘UZuma uhlela ukubulala labo angavumelani nabo’ – EFF

Nakhu okunye ukuphawula kwabafundi bethu kuFacebook.

Benni Shezi Ayi kuyefana nje uzokhuluma ngakho konke kodwa imiphumela dololo. Engingakujabulela ukuzwa ukuthi bazoyeka nini ukulwa bodwa bebanga izikhundla. Luzophela nin uqhekeko lolu oluwisa umnotho wethu?

Dumsani Masolution Ndimande EHammarsdale Ngicikwa yilezi zilima ze EFF ezifuna ukuphinda lento ezayenza futhi zisiphoxa namazwe omhlaba. Ongakamboni uShivambu no Malema ukuthi baphambene naye ufana nabo...wabhikisha nje eKapa namuhla uyaboshwa ngokudala udlame emphakathini.

Asanda Vezi Uzosiqambela amanga nje, enze izethembiso angeke azigcine. Kungcono ukuthi uzomemezela ukuthi uzibeka nini izintambo adedele bany.

Minanawe Tall Kunzima ukuba hulumeni afeze iphupho lokukhulula leli zwe kububha...kakhulu kubantu abamnyama. Izibalo ze Statistic SA zithi u-1,3Million abantu abamnyama phakathi kweminyaka engu-25 kanye nengu-64 abakaze baye asikoleni.... intsha iphakathi kwengu-5 kuya kwengu-34yrs ayifundile (ayisiqendanga isikole) ngakho bakwethu kusazoba nzima kakhulu ngoba izibalo zitshengisa ukuthi amandiya nabelungu bayathuthuka ngamandla....inkinga ukuba ikephi kuthina angazi.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.