UMBONO: ‘UZuma welusa, uyagquma uyaphalaza, akafani noMaimane osaba uchatho’

2017-05-29 16:00

Durban – Uthole okukhulu ukubongelwa ezinkundleni zokuxhumana uMengameli Jacob Zuma kulandela ukusinda kwakhe emizamweni yokumketula emhlanganweni weNational Executive Committee (NEC) ye-ANC ngempelasonto.

Labo abaseka uZuma bamncome kakhulu ngokuthi ‘uyinkunzi emidwayidwa’ nokuba ‘nguphunyuka bemphethe’ kwakhe njengoba bekungesikhona okokuqala esinda emizamweni yokumketula ngaphakathi kanye nangaphandle kwe-ANC.

Lokhu kwenzeka njengoba kulokhu kukhule njalo ukugxekwa kukaMengameli  Zuma ngobuholi bakhe, nalapho kunenzinsolo zokuthi uyathinteka ezinsolweni zokulawulwa kombuso (state capture) nalapho kuphinde kusolwe khona nomndeni wakwaGupta, okuthiwa ungabangani abakhulu naye.

OLUNYE UDABA:UZuma 'wesabise ngokukhuluma uma abe-ANC beqhubeka nokumcasula'

Zifundele eminye yemibono yabafundi beZindaba24 abebesina bededelana enkundleni yezokuxhumana uFacebook:

Leonard Ndabani - Inkunzi emidwayidwa le kuyabonakala ukuthi welusa akanakudlala amakhwenkwe angazange aye ediphini. Hhayi ngiyamvuma umfoka Msholozi.

Commissar Sboh Kunene - Ey thina sikhathazeke kakhulu ngezwe elidayiselwa amaGupta manje lento yolungcweka ayishoyo asihlangani nayo.... leli zwe kumele liye phambili hhayi emuva. UZuma uliyisa emuva kakhulu.njengamanje, ufuna sibe zigqila zamaGupta usikhipha emabhunwini usifaka kumaGupta.

Mandlenlosi Victor Khumalo - UZuma akayona insangu. Uyagquma, uyaphalaza, akafani noMaimane osaba uchatho. Uyophuma ngoDecember sekufike isikhithi sakhe. Nokhuluma niyoze nisonteke imilomo uZuma ebusa.

Mandlenlosi Victor KhumaloU-2019 uyofika i-Anc iyona eyowina futhi. Labantu abamnyama abako-DA basazobuya bonke. Abaholi be-ANC baphalaza ngovelabehleke, bancinda ngokhakhayi lwesipoki, bachatha ngomakhahlela, akudlalwa.

Sthembiso Cleo Ndlovu - Mmmh khululekani nisazogcwala ngoZuma ngoba sisazomnika i-3rd term, #Zuma #Zuma #Zuma.

UZungu UMbuso KaManzini - Asinankinga thina silinde u-2019 nje qha, abaqhubeke laba nokuvikela loZuma wabo.

Zakes Maswidi Dube - Engikwaziyo nje nengikubonayo bayahamba oMasipala la phansi, ngoba abantu abayifuni lento ayenzayo. Uma ke yona le NEC yehluleka kuzohluleka lonke iqembu.

Bonga Mbambo - Ngimanxebanxeba nginje yizinsizwa engakhula nazo. Umbokwane ubhajwe edwaleni. Sebebizene abasekhaya behluleka ukuwukhipha baze babiza abezizwe nabo babuye belambatha wehlulekile noJudge Mogoeng Mogoeng. Zaze zathatha usiba zabhala i-political analysts. Umemezile umfokaNxamalala ngiyazibeka izintambo ngo-December!!!!

Ntokozo Innocent Mazibuko - UZuma ulwela iqiniso la, inkinga yabantu ukuthi ababoni futh abafun ukwazi iqiniso bazobona izwe libuyela nje kwabamhlophe ningabhekile.

Dennis Biyela - UZuma akangakhishwa manje, lokho kuzosiza ama-opposition ngoba maningi amanye ama-scandals asazowenza, akaqhubeke abulale ANC kuzoshaya u-2019 eseyihlakaze wayiqeda ANC. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.