UMBONO: Yithuba elihle leli lokusimama kwamaqembu afana ne-IFP kanye ne-EFF

2018-02-17 11:05

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

eThekwini - Njengoba sekuthathe umlungu omnyama kuKhongolose, bonke laba abangathokozile ngaye sebengabheka kula maqembu womabili aphikisayo.

Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika azikwamukelanga kahle-hle ukwehla esikhundleni kukalowo obengumengameli uJacob Zuma.

Yize besekunesikhathi eside abezindaba bahlale bemubeka amabala, futhi bese siside kakhulu isikhathi kungabikwa nokuncane okuhle akwenzele leli lizwe.

Yonke into eyayibhalwa ngoMsholozi yayimayelana nenkohlakalo, ukukhwabanisa, kanye nobudlelwane indodana yakhe enabo nomndeni wakwaGupta.

Konke lokhu kwaqala ngodala lokulungiswa kabusha kwekhaya lakhe eNkandla.

Yize kwakunamamashi ezinhlangano eziningi, ezinye eziqhamuka esithubeni nje singakaze sizwe lutho ngazo, zithi uZuma akahambe.

Kube muncu kakhulu kwabaningi ukwehla kwakhe, ikakhulukazi kubantu abahlwempu nabasemakhaya.

UZuma uyindoda enogazi, indoda ethandekayo, abanye babeze bethi unovelabahleke, konke lokhu kwakumenza indoda ebonakalayo ukuthi ibuya emakhaya, ikhule ngaphansi kosizi futhi iyakwazi ukuzwelana nosizi lwabantu.

Ukungena kukaCyril Ramaphosa kwenza abantu bangabi nokumethemba kahle. Yebo, besekufanele uZuma ehle, ngoba yonke le mibiko engemihle ngaye isehlise kakhulu isithunzi sezwe.

URamaphosa uthandwa kakhulu wondlebezikhanya ilanga nokwenza abantu bangabi nokumethemba kahle. Phela abantu bazi ukuthi umlungu akavele akuthande nje ngaphandle kokuthi kukhona azokuzuza.

Kungani abelungu abaningi (abangewona namalungu e-ANC) bemthanda kangaka uRamaphosa?

OLUNYE UDABA:I-ANC eKZN ihlela imigubho yokwamukela uZuma ekhaya

Abanye bathi ufundile, ungusomabhizinisi ngakho-ke uzowutakula umnotho wakuleli. Ukukhuluma kukaRamaphosa ngezinhlelo zakhe ngaleli lizwe, akuzwakali kahle.

Kanti asikho isimo esisasibonile lapho eveza ubuhlakani bakhe kanye nogqozi. Akabonakali njengendoda engakwazi ukukhuluma kuzwakale.

Abantu abaningi sebeqalile baqalaza amanye amaqembu abangawelela kuwona uma kungukuthi uRamaphosa akabaniki ithemba eliphathekayo.

Yilapho-ke okuzophakama khona i-IFP kanye ne-EFF.

Iqembu i-EFF liyathandeka ngoba linonkanise, hheyi bayabelesela phela la bafana be-EFF benjalo nje babanga okukhulu ukushisa!

Lokhu kuhle ngoba izwe liyabadinga abaholi abasebancane, abazaziyo izinkinga zabantu abasha futhi abangasabi ukuyimela into yabo.

Leli qembu liyathandeka ngoba alesabi ukulwa nokucwaswa kwabantu abansundu kanye nabampisholo.

Okubi ngalo wukuthi abaholi balo basuke benze izinto ngokweqile. Sithi noma sesizwile lokhu abakhala ngakho, bavele bakhale kakhulu. Bangomakhala-njalo kwesinye isikhathi bakhalela ubala.

Elinye iqembu abantu asebacabanga ukuwela kulona yilelo likaMntwana wakwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi.

Leli lingelinye lamaqembu ambalwa ahlonipheke kakhulu kuleli. Umholi walo ungumuntu onomthetho, onesithunzi, futhi ohloniphekile.

Akwenzeki umuzwe uMntwana ekhulumela safuthi ngezinto ezibandakanya ukukhononda njalo, ngalokhu nalokhuya kodwa uphawula kulokhu aphawula kukho futhi adlule kukho.

Okwenza iNdlovu ithandeke wukuthi ezindaweni eziningi zasemakhaya ikakhulukazi KwaZulu-Natal lapho kuphethe yona, kuhola abantu abasebasha.

Amakhansela amaningi ezindaweni ezifana noDokodweni, eMelmoth, koLundi, KwaNongoma kanye naseNkandla, amakhansela akhona ka-IFP ngamakhansela asemasha, futhi asebenza kakhulu ukuthuthukisa izindawo zangakubo.

Into esengiyiqaphelisise kakhulu nge-IFP wukuthi isibuyisile isithunzi sayo ezindaweni zasemakhaya.

Kanti into enganakekile ngayo wukuthi njengoba iqinisa ubuholi bayo kulezi zindawo, izakhela isisekelo esihle ukuthi isimame kahle nakwezinye izindawo.

Ukuzimisela kwawo womabili la qembu, aqinise nasemikhankasweni yawo kusukela manje, kungashintsha kakhulu izinto ngokhetho olulandelayo. 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.