UMboro angase avulele abosizo lokuqala icala ngengane eshone esontweni

2017-12-27 09:32

Pretoria - Kuzwakala ukuthi uMfundisi uPaseka "Mboro" uzovulela abosizo lokuqala icala lokubulala ngokungenhloso, ethi bachitha isikhathi bephosa umama imibuzo kunokusiza ingane, egcine kuyenele.

Ngokusho kwaMboro, ngesikhathi abosizo lokuqala befike endaweni yesogameko eKatlehong ngeSonto. wabacela ukuba banike le ngane isifutho, bayixilonge.

Kunalokho, abosizo lokuqala bachitha isikhathi bethethisa umama bemsola ngobudedengu.

OLUNYE UDABA:Umfundisi ezinsolwe zokubeka isandla owosizo lokuqala

Lo mfundisi usola abosizo lokuqala ngobudedengu.

UMboro uziphikile izinsolo zokuthi wayefuna ukusifaka ngokwakhe isidumbu sengane e-ambulensini.

UMboro uphinde wakuphika ukuthi abazalwane bahlasela abosizo lokuqala ngaphambi kokuba bayixilonge ingane.

Okhulumela abosizo lokuqala i-EMS, uWilliam Ntladi, uthe kubizelwe i-ambulensi esiontweni likaMboro eliseKatlehong ngezithuiuba zabo-11:34 ngeSonto.

Amaphoyisa aqinisekise ukushona kwengane eneminyaka engu-3 ubudala esontweni i-Incredible Happenings Ministries eKatlehong ngeSonto, lapho umama wengane ayise khona ukuze lo mfundisi ezoyikhulekela ukuthi ilulame.

UCaptain Lesetja Mathobela wamaphoyisa aseKurhuleni uthe abosizo lokuqala bavule icala lokuhlaselwa nguMboro nabazalwane.

"Sekuqinisekiswe ukuthi ingane ishonele esontweni. Isidumbu sizohlolwa ukuze kuzotholakala imbangela yokushona kwengane. Uphenyo luyaqhubeka."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.