UMboro ufuna ukukhipha uLundi esibhedlela sikahulumeni - Umbiko

2017-01-20 11:38

Johannesburg - UPastor Mboro usekuqinisekisile ukuthi ucele umndeni kaLundi Ttyamara ukuba umvumele athathe lo mculi amfake esibhedlela esizimele, kubika iTshisaLIVE.

Ngesonto eledlule lo mfundisi wodumo uvakashele lesi sihlabani esibhedlela njengoba kubikwa ukuthi sisesimeni esibucayi.

UMboro uthe ubesendaweni yokudlela ngesikhathi umuntu othile emkhombisa isithombe sikaLundi, obekubonakala ukuthi usesinhlungwini.

UMboro uthe wafonela imenenja kaLundi ngaso leso sikhathi ecela ukufika ukuze ezozama ukusiza.

OLUNYE UDABA: Umlingisi useyishiye phansi iGenerations: The Legacy

"Imenenja yangifonela yathi uLundi uvumile ngombandela owodwa: wokuthi kumele ngifike ngedwa. Kuthe uma ngifika esibhedlela iziguli nezisebenzi bagicela ukuba ngibathandazele. ULundi kwamjabulisa ukungibona.”

Lo mfundisi uthi asimjabulisanga isibhedlela akusona uLundi, wabe esecela ukumfaka esibhedlela esizimele.

UMboro uthe umndeni wathi usazosicabangisisa lesi sicelo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.