UMboro usephawule ngolubandakanya usaziwayo odube inkonzo

2017-01-24 19:30

Johannesburg - UMfundisi Mapaseka "Mboro" Motsoeneng uphawule ngodaba lwakamuva lwasebandleni iGrace Bible Church ngemuva kokuba usaziwayo wakuleli uSomizi Mhlongo ekhale ngokuthi umfundisi ushumayele wagxeka izitabane.

Lesi sihlabani siveze ukuthi sibe sesiduba inkonzo sabona esifike ngayo kulandela ukuphawula kwalo mfundisi obevakashile kuleli bandla.

"Abantu abasole uNkulunkulu ngalokhu. Abefundisi bashumayela ngeBhayibheliAnikwazi ukusola umfundisi ngokubhalwe eNcwadini eNgcwele."

OLUNYE UDABA: UMBONO: ‘IBhayibheli ngeke lishintshwe ngenxa yabathile’

UMboro ekhuluma nabezindaba iSowetan uthe, iBhayibheli angeke walishaya indiva futhi abefundisi balandela imiyalelo kaNkulunkulu ngokushumayela ngokuthi kuyisono ubutabane.

UMboro usho kanje ngemuva kokuba usaziwayo efake ama-video enkundleni yezokuxhumana i-Instagram edinwe egane unwabu ngentshumayelo kamfundisi obevakashe eGrace Bible Church, eSoweto.

Kuthiwa lo mfundisi wayegxeka izinto ezingahambelani nemvelo; kuzo wabala nobutabane.

UMboro uthe yena akanankinga nezitabane, kepha abantu kumele bakuqonde ukuthi abefundisi badlulisa okulotshwe eBhayibhelini.

"Ngiyabamukela bonke abantu, akukhathaleki noma uyisitabane. UNkulunkulu usithanda sonke akukhathaleki noma senza okubi noma okuhle. Ufuna bonke abantu baphenduke beze kuye.

"Iqiniso lithi 'uNkulunkulu' wadala indoda nomfazi kodwa khona okonakala ekuhambeni kwesikhati. Kuwumsebenzi wethu ukuthi sikuthandazele lokho. Abalumi kanti iningi labo linomusa. Emehlweni ami bangabantu abadinga uthando nokwesekwa. Ngimelene nabantu ababahlukumezayo nalabo ababulalayo," kusho uMboro.

Abebandla iGrace Bible Church bakhiphe isitatimende bathi bayameseka umfundisi okunguye obeshumayela futhi ziningi izono okushunyayelwe ngazo, akubona ubutabane kuphela.

 - The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.