UMcCarthy uthi akazimisele ngokuba yiphini ku-PSL

2016-07-13 20:30

Durban – Sekuvele ezithi inkakha yeBafana Bafana uBenni McCarthy akazimisele ukuthatha esokuba yiphini labaqeqeshi ku-Absa Premiership.

UMcCarthy, osanda kuthola iziqu zokulolonga, uthi usekulungele ukuba ngumlolongi ozimele ku-PSL, kubika iSolezwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi le ngwazi ibiyiphini likaChris O’Loughlin obeqeqesha iSint Truiden, ngesizini eyedlule.

OLUNYE UDABA: Ngangifuna ukufundisa iChiefs isifundo - Benni

Kunamahlebezi akhona athi uMcCarthy angase abe yiphini likamqeqeshi we-Orlando Pirates uMuhsin Etugral – okuze kube yimanje akakalimemezeli iphini lakhe.

“UBenni usebuyele eScotland, futhi ingamampunge eyakhe nePirates ngoba akafuni ukuba yiphini lomqeqeshi,” kusho obhekelele izindaba zakhe uPercy Adams.

U-Adams uthe uMcCarthy uveze ukuthi angaba yiphini phesheya kwezilwandle, kepha hhayi eNingizimu Afrika.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.