UMcebo Dlamini ubuyela enkantolo

2018-03-02 09:36

Johannesburg – OwayenguMengameli wenhlangano yabafundi enyuvesi yaseWitwatersrand futhi eyisishoshovu esihamba phambili emkhankasweni wemfundo yamahhala uMcebo Dlamini uzovela enkantolo kaMantshi eGoli.

UDlamini waboshwa ngesikhathi kunemibhikisho yemfundo yamahhala emanyuvezi akuleli ngonyaka ka-2016.

Lo mfundi wabekwa amacala abandakanya ukuphula umthetho wenkantolo, udlame lwasemphakathini, ukuhlasela ukweba kanye nokulimaza izakhiwo.

UDlamini waboshwa ngo-Okthoba 2016 wakhishwa ngebheyili kaR2 000 ngomhlaka 9 Novemba kuwo lowo nyaka kanti icala lakhe laliqulelwa enkantolo enkulu ePalm Ridge.

OLUNYE UDABA:Ingamampunge ethi uMcebo Dlamini udube ukudla ejele - Iziphathimandla

Imizamo yakhe yokuqala yokuthola ibheyili kayizange iphumelele njengoba wayeboshelwe izigameko ezenzeka enyuvesi yaseWits lapho aqoshwa khonga ngabathwebuli engqubuzana nonogada.

UMshushisi kuleli cala uSteven Rubin utshele inkantolo ukuthi amacala akhe ahlehliswa ngaphambilini ngoba kwatholakala ubufakazi be-video.

Lo mshushisi uthi sebakulungele ukuqulwa kwaleli cala.

UMmeli kaDlamini uKhathutshelo Nelson Mathibe, uthi uzoxoxisana nombuso ngoba ufuna bafinyelele esivumelwaneni esizogculisa wonke umuntu

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.