'UMchunu akayalelanga muntu ukuba kuyiwe enkantolo'

2017-12-20 16:00

Johannesburg – Lowo owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uSenzo Mchunu akazange ayalele muntu ukuba kufakwe amaphepha enkantolo mayelana nokungaboni ngasolinye ngemiphumela yesikhundla sikaNobhala Jikelele we-ANC, kusho ongasohlangothini lwakhe.

Lokhu kungemuva kwemibiko ethi kulungiswa amaphepha azofakwa enkantolo ukuphonsela inselelo isinqumo sokungabalwa kwamavoti angu-68.

NgoLwesibili, ikomidi elithatha izinqumo kwi-ANC libenomhlangano ophuthumayo mayelana namavoti angabalwanga.

Ngokombiko weNews24, zingu-4776 izithunywa ezithamele ingqungquthela kodwa angu-4708 kuphela amavoti abaliwe, nokwenza izithunywa zifune izimpendulo kwi-EleXion Agency ngamanye amavoti. 

Abalandeli baMchunu bafune ukuba amavoti abalwe kabusha ngoba bekholelwa ukuthi kubenomkhonyovu ekubalweni kwamavoti.

OLUNYE UDABA: Zilokhu zimphike njalo izinto uMchunu

Bakholelwa ukuthi imiphumela ingase ivune uMchunu uma kungabalwa namavoti angabalwanga.

Okhulumela uhlangothi lukaCyril Ramaphosa eKZN, uSthembiso Mshengu, ukuphikile kwi-ANN7 ukuthi uMchunu lolu daba uzoluyisa enkantolo. 

"UMchunu akekho ummeli amyalele ukuba ahambe ayofaka amaphepha enkantolo mayelana nengqungquthela.

"Uma ekhona amaqabane angeneme, angaludlulisela phambili lolu daba. Kodwa uMchunu akayalelanga muntu ukuba aye enkantolo.”

U-Ace Magashule wehlula uMchunu embangweni wesikhundla sikaNobhala Jikelele ngamavoti angu-2360, kanti uSenzo Mchunu yena wathola angu-2336. Okusho ukuthi kwabanomehluko wamavoti angu-24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.