UMchunu utshele i-ANC eKZN ukuba yesekele uRamaphosa

2017-08-11 11:01

Johannesburg – Lowo owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu, usenxuse amagatsha e-ANC esifundazweni ukuthi asekele uSekela Mengameli uCyril Ramaphosa emkhankasweni wakhe wokuba nguMengameli, wathi kuyakhula ukwesekwa kwakhe ezweni lonke.  

“UComrade Cyrli unakho ukwesekwa comrades, ukwesekwa okukhulu, ungavumeli abantu bakwenze isilima. Unokwesekwa kusuka lapha eKZN, unokwesekwa eKZN. Kunoma ngabe ngumbani obuza ukuthi kukuphi ukwesekwa, ngizothi ngingomunye walabo abamesekayo. Asiyeni emagatsheni bese siyameseka,” uMchunu utshele umhlangano weYoung Communist League nokuyilapho ebeyisikhulumi esiqavile khona eSouth Coast eKZN.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN ifuna athathelwe izinyathelo uRamaphosa

UMchunu uthi ubelokhu embuka nje uMengameli Jacob Zuma echitha indaba yokuthi kuyisiko le-ANC ukuthi uSekela Mengameli abe nguMengameli, wathi lokhu bekulokhu kuqondana kuze kube yimanje.

Uthi lokhu kwenzeka ngesikhathi u-Oliver Tambo – owayenguNobhala Jikelele we-ANC kusukela ngo-1957, akhethwa waba nguSekela Mengameli ngo-1967 ngemuva kokudlula emhlabeni kuka-Albert Luthuli – waba uMengameli obambile futhi ngokuhamba kwesikhathi waba nguMengameli.

“Ngemuva kwalokho kwaba nokunye ukuqondana ngesikhathi uMadiba ayenguMengameli wase uThabo Mbeki waba uMengameli. Kwaba nokunye ukuqondana ngesikhathi yena eba nguMengameli,” kuqhuba uMchunu.

“Bekulokhu kunalokhu kuqondana kusukela ngonyaka ka-1967. Akuphinde futhi kube nalokho kuqondana bese sithi uSekela Mengameli wethu kumele abe nguMengameli bese sikubiza ngokuqondana,” kusho uMchunu maqede kwaba nenhlokomo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.