Umculi kamaskandi ezinsolweni zokweba iculo

2017-06-18 13:06

Durban – Umculi kamaskandi uMroza Fakude, owaduma ngeculo elashisa izikhotha ngonyaka odlule lagcina selihlukanisa unyaka, usolwa nokweba leli culo.

Leli culo elisihloko sithi Van Damme kubikwa ukuthi uMroza, odabuka KwaHlabisa, KwaZulu-Natal, waleba kuMtshengiseni Ndlovu noMzo Khanyile.

Nokho lo mculi uyaziphika lezi zinsolo: “Angazi ukuthi bakhuluma ngani,” esho.

Imithombo yeSunday Sun iveze ukuthi leli culo laqanjwa yila baculi baseNquthu, oKhanyile noNdlovu, belenzela uBengwane village traditional dance group ngo-2015. 

“Sahlangana noMroza la sasijwayele ukuhlanganela khona eGoli uma siyoqamba amaculo emicimbi yesintu eba ngePhasika nangesikhathi sikaKhisimusi. Wabe eselithanda leli culo, kepha samazisa ukuthi kakulona elokudlalwa emsakazweni.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa uMroza fanele abonge inyanga ngodumo lwakhe

“Wenza sengathi ufuna ukusisiza kanti ufuna ukweba iculo lethu,” kulandisa uNdlovu.

Uthi wethuka esezwa leli culo lidlala ematekisini e-KZN.

“Ngamshayela uMroza, wathembisa ngokuthi uzosikhokhela ngokusebenzisa iculo lethu, kepha namanje lokho akukaze kwenzeke,” esho.

UKhanyile uthe akathandi ukuphawula ngalolu daba ngoba uzobonakala njengomuntu omonazela uMroza ngempumelelo yakhe.

Okhulumela iMabala Noise, uMroza angaphansi kwayo, uMhlo Gumede, uthe bona abazi ngesivumelwano la baculi abasenza.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.