Umculi kamaskandi ukhuze udlame

2017-06-05 19:33

Durban - Sidonse ngendlebe abalandeli baso isilomo sikamasikandi, uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, sathi bangalinge bazihlanganise nodlame emicimbini yalo mculo futhi bangaphazamisi abanye abaculi uma becula ngoba lokho kulimaza igama laso.

UKhuzani ukwenze lokhu ngesikhathi eseGugu Dlamini Park, eThekwini izolo (ngeSonto) eyokhombisa abalandeli bakhe izindondo asehlabane ngazo kulo nyaka emncintiswaneni eyehlukene.

"Phansi ngezimpi emculweni ngoba lapha kwizindlamlenze nezindlamlenzekazi sizishayela ingoma, kasizwani futhi nokuchomela abantu okuyibona abanosizo kithina. Phambili ngemisakazo namaphephandaba okuyibona abaphakamisa umsebenzi wethu, phambili! Abaculi abasisabayo kwaGuqasithansdaze (igama okubizwa ngalo abalandeli) mababuyele eceleni, bangezi emcimbini weMpucuzeko ngoba sesikulungele ukugcwalisa iPeople's Park," kusho uKhuzani.

OLUNYE UDABA:Ihlukana phakathi i-West, kusolwa uKhuzani ngokuba yixoki

Abalandeli balo mculi bebemasha begudla imigwaqo yeTheku. Bahambe baze bayofika ku-K.E Masinga Road ngasezindlini zoKhozi FM kukhuzwa iziqubulo ezithi luyathandwa uKhozi ngomsebenzi walo.

UKhuzani ukhuthaze abalandeli wathi bengabe besabheka emuva ekumesekeni ngoba usehlukene nempi enzima kakhulu ngoba baningi abaculi abangasamthandi kahle ngenxa yokukhula kwesibalo sabantu abathanda umculo wakhe.

"Abalandeli bami ngifuna badume ngokuzehlisa nokuhlonipha abantu abaneqhaza emculweni wethu baphinde bawuthenge wonke umculo. Ngineminyaka engu-7 ngisemculweni, senginezindondo eziyisikhombisa, nginama-albhamu angu-7, ngineminyaka yobudala engu-27," kusho uKhuzani.

Kwenzeke lokhu nje, ubeyozibongela ngokunqoba izindondo ezintathu kuMantshontsho kamasikandi emcimbini obuse-Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini ngoFebhuwari, kube neye-Best Maskandi ayithole ngeledlule kuma-South African Music Awards (SAMA), eNorth West.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.