Umculi uthi ngeke aphinde alenze iphutha lokujola kulo mkhakha

2017-10-24 16:02

Johannesburg - Umculi wakuleli uBusisiwe Thwala odume ngelikaCici owayeka isikole ngoba efuna ukugxila emculweni usevuleke amehlo wabona ukuthi kwakuyiphutha ukujola kulo mkhakha akuwo.

Lo mculi uvule isifuna ngesikhathi enengxoxo nabephephabhuku iDrum wagcizelela ekutheni angeke aphinde enze iphutha elifana naleli alenza.

"Kwakufanele ngime ezwini lami lokungajoli emkhakheni womculo, angeke kuphinde kwenzeke."

OLUNYE UDABA:Umsolwa nommangali bavule isifuba ‘ngokushaywa kuka-Cici ngu-Arthur’

UCici wayeyingoduso kadokotela wamazinyo ngaphambi kokuba angene kulo mkhakha kodwa wathi ukuhlukana kwakhe nodokotela akuhlangene nobudlelwane bakhe no-Arthur.

"Isikhathi sasingasivumeli. Ngangihlezi ngingekho ekhaya. Sabe sesibona ukuthi akusilungele sobabili ukuqhubeka nokuhandana ngoba sasingazuzi lutho. Kwasiphoqa ukuthi sihlukane."

UCici uphinde wachaza ukuthi akusiye owahlukanisa uChomee no-Arthur.

"Angisoze ngazifaka kubudlelwano ngibe ngazi kahle ukuthi kukhona umuntu lowo muntu asazwana naye."

UTwala uphinde wathi u-Arthur wayengumuntu owayefuna ukwazi ukuthi ukuphi ngaso sonke isikhathi.

"Ngicabanga ukuthi ngangihlukile kwabanye abantu besifazane aseke athandana nabo ngoba ngangizikhulumela. Ngangimtshela uma kukhona into engingayithandi."


 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.