Umculi wase-KZN usayiniswe yiqembu lebhola

2016-04-28 10:02

Durban – Umculi wowokholo uMdumiseni “Dumi Mkokstad” Nzimande, 25, kubikwa ukuthi usesayine ngaphansi kweqembu likaMabhudi Khenyeza, iTriton FC.

Leli qembu lidlala kwiKwaZulu-Natal SAB League, kanti uKhenyeza usanda kulithenga ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Iphephandaba iLANGA lithole ukuthi leli qembu elizinze e-Ashley, ngasePinetown lisayinise lo mculi odume umhlaba wonke ngomculo wokholo.

“UKhenyeza kade sazana naye njengoba sahlangana ngisazinze eMgungundlovu ngidlalela amakilabhu amancane amaqembu afana neMaritzburg United neWanderes.

OLUNYE UDABA: Usobishini umculi kamaskandi ocula ngabokufika

“Angifiki nebhola, sesiside isikhathi ngidlala. Akuyona inkinga ukusheba ibhola nomculo, kepha okwamanje umculo yiwo ohamba phambili ngoba ngidla ngawo,” kuchaza uMkokstad.

Ethintwa uKhenyeza uncome ukungazikhukhumezi nokuhlonipha kukaMkokstad.

“Uma eshiywa yisikhathi noma engeke eze ejimini akalenzi iphutha, uyabika. Uzithobile futhi usenikeze abanye abadlali ugqozi. Sibusisiwe ngalo mfana. Ngisho ngimthethisa njengomqeqeshi akadinwa ngoba uyaliqonda ibhola,” esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.