Umculi we-gospel akazimisele ngokuphosa ithawula nge-PSL

2017-02-10 14:01

Durban - Isilomo somculo we-gospel, uDumi Mkokstad, sithi ngeke siliphonse ithawula ngokudlala kwiPremier Soccer league (PSL).

UMkokstad okumanje ugijima kwi-Next XI Academy edlala esigabeni se-SAB League ngaphansi kwe-SAFA eThekwini, uthi ufisa ukudlala kwi-PSL ebalwa namaligi ahamba phambili emhlabeni jikelele.

Uthi okumfaka ugqozi nofuqufuqu lokubona leli phupho lakhe lifezeka wukuthi iqembu agijima kulona liphethwe nguMabhudi Khenyeza ozakhele udumo kusona lesi sigaba.

OLUNYE UDABA: Ugadle kumlandeli omsole ngokuzenza uBonang

Exoxa neLANGA leTheku, uMkokstad uthe usenethemba lokuthi iphupho lakhe lizofezeka, inqobo nje uma engazinikela ngokugcwele.

“Kunzima ukuhlanganisa umculo nebhola likanobhutshuzwayo. Umculo yiwona engiphila ngawo, ngakho kunzima ukumane ngiwuyeke nje, kanti nebhola ngiyazifela ngalo kusukela ebuncaneni bami,” kusho lo mculi, enezela ngokuthi uke wama kancane ebholeni njengoba bekuwuDisemba, ematasa.

“Nakuba ngiwumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs, ngiyayithanda indlela iPirates edlala ngayo, yingakho nginesifiso sokugijima kuyona.”
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.