Umculi wokholo ushaqekile ngemibiko yokuthi akondli kahle

2016-07-28 17:31

Durban - USfiso Ncwane uthi ushaqekile ngalokhu okubhalwe iphephabhuku uDrum mayelana nokungondli kahle indodakazi yakhe, kubika iTimeslive.

Leli phephabhuku likhiphe umbiko wokuthi uNqobile Mzelemu oyindodakazi kaNcwane ethi imali ekhishwa uyise nyangazonke ayanele.

OLUNYE UDABA:Owokholo usolwe ngokuba 'yisichomane'

“Ubaba wami ungumculi wokholo, uhlonishwa abaningi ngokubusisa abantu ngezimoto zikanokusho, kanye nokunikela nakulabo abahlwempu kodwa mina akanginakile,” kusho uNqobile.

UNcwane uthi iyamdida le mibiko esanda kuvela ngaye.

“Ngimangele futhi ngididekile ngalokhu ngoba angikaze ngimuzwe uNqobile ekhononda ngemali engimthumela yona,”kusho yena.

Uthi into emdida kakhulu wukuthi ukhokha imali eyabekwa inkantolo, kodwa uma indodakazi yakhe inenkinga ngaleli nani kungani ingezi kuyena imtshele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.