Umculi wowokholo eThekwini udle phansi nemali yomnikelo emngcwabeni

2017-01-31 16:03

Durban - Umndeni wakwaMashu ukhala ngomculi wowokholo umndeni wakwaMashu kwa-L okuthiwa ushaye wachitha nemali yomnikelo kade kunomgcwabo.

UNhlakanipho Cele, owaduma emuva kokudla umhlanganiso ohlelweni i-I want To Sing Gospel kuSABC 2 ngo-2011, usolwa ngokweba imali yomnikelo.

Umndeni wakwaGasa uthe ngoMgqibelo ubunenkonzo yokuphelezela indodana yawo, uMthokozisi Gasa, oshone ngeSonto eledlule engozini yemoto.

Kuthiwa ngesikhathi sekulungiselelwa inkonzo yomgcwabo abangani bakamufi babone kungcono uNhlakanipho aphathe uhlelo ngoba wayefunda nomufi futhi bakhule naye.

UMnuz Sipho Ngidi, umalume kamufi, uthe namanje basashaqekile ngalokhu okwenziwe uCele, kubika iSolezwe.

“Abangani bakamufi bafike basitshela ukuthi sebemtholile umuntu ozophatha uhlelo. Ngendlela abasize ngayo baze bashintsha ibhokisi umndeni obulikhethile bathenga elinye ebelibiza kakhulu.

Basitshele nokuthi kukhona nomculi wowokholo, uFikile Mlomo, naye uzoba khona ezoduduza. Ngempela kwenzeke njengoba beshilo,” kusho uNgidi.

OLUNYE UDABA:Umculi wowokholo uthi abesifazane bamdune imoto

Uthe bafike ehholo obekuzoba nenkonzo yomgcwabo kulo konke kuhleleke ngendlela, kukhona konke abangani bakamufi abebekuthembisile.

“Sichazekile ngendlela aluphathe kahle ngayo uhlelo uNhlakanipho. Imali obekunikelwe ngayo yinkulu kakhulu yingakho sikhala," kusho uNgidi.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iSolezwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.