Umculi wowokholo uzokwethula uhlelo olusha lweGospel

2017-05-08 11:00

Johannesburg – Umculi womculo wokholo, uKhaya Mthethwa, usezokwethula uhlelo olusha lweGospel esiteshini sikamabonakude iBET Africa (DStv 129) noluzoqala ngo-13:00 ngomhlaka-21 kuMeyi.

Abathandi bomculo wokholo sebebezokwazi ukuthokozela lolu hlelo nalapho ezobe enezingxoxo nabanye babaculi beGospel abaphambili kulolu hlelo olusha lweBET, i-Rhythm & Gospel.

Phakathi kwabanye babaculi okulindeleke ukuba babe yizimenywa kulolu hlelo kubalwa uJudith Sephuma, uLebo Sekgobela, uDr Tumi ,uRebecca Malope, uMahalia Buchanan, uBenjamin Dube, uLoyiso Bala, uNqubeko, uNtokozo Mbatha, uNeyi Zimu kanye noJames Okon.

OLUNYE UDABA: Umculi othi ulandelwa ifu elimnyama ucele umthandazo kuMboro

Oyi-Vice President kwiBET, Youth & Music for Viacom International Media Networks (VIMN) Africa , uMonde Twala, uzwakalise ukujabula ngokuthi lesi siteshi sesizokwethula uhlelo lokuqala lwe-Gospel oludidiyelwe lapha ekhaya.

Uthi isakhiwo salolu hlelo sihluke kakhulu futhi bayaziqhenya kakhulu ngokusingatha uhlelo olukuleli zinga. Uthi lesi siteshi sisazoqhubeka nokuzinikela ethalenteni kanye nasezinhlelweni zalapha emzansi ezihambisana nababukeli baso.

UKhaya Mthethwa uthi uzizwa ehlonipheke kakhulu ngokwethula lolu hlelo, wabe esenxusa ababukeli ukuthi benze isiqiniseko sokuthi alubaphuthi lolu hlelo.

Buka isikhangiso salolu hlelo lapha:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.