Umdlali ukhala ngomqeqeshi owamfanisa nesikorokoro

2016-08-15 20:30

Durban - UPhumelele Bhengu ubabaza inzondo athi ikhonjiswe kuyena uStuart Baxter ongumqeqeshi omusha weSuperSport United,  nosekwenze wakhetha ukushiya leli qembu, kubika iphephandaba ILANGA.

UBhengu utshele iphephandaba ukuthi ubebhekene nobunzima kuleli qembu laseTshwane selokhu kwafika uBaxter maphakathi nesizini edlule.

Lo mdlali osanda kujoyina iRoyal Eagles kuNFD, uthi uBaxter ubemfanisa nesikorokoro.

Funda nalolu daba: Uthi uyajabula obeyiqhawe lePirates ngempelasonto

“Wangitshela emehlweni ukuthi yena unabadlali abathathu abaseqophelweni eliphezulu, uKingston Nkhatha, uJeremy Brockley noBradlye Grobler. Le nkulumo yakhe ingidinile kwazise bengihlala ngizikhandla nasejimini.”

Uthi yikhona konke lokhu okumenze walishiya leli qembu ngoba ubebona ebuyiselwa emuva ngaso sonke isikhathi uma ezama ukuzikhandla.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.