Umdlali usabisa ngokubopha ikilabhu kaMpisane

2017-01-26 14:31

Durban - Usonga ngokubopha umndeni wakwaMpisane ongabanikazi beRoyal Eagles FC umdlali wale kilabhu okuvela ukuthi unqabe ukunqamula inkontileka nayo ngoba enganeme ngezinto ezithile.

ILANGA libone uPhilani "Philoh" Zikalala ongunozinti we-Eagles egijima kwiNational First Division (NFD) izolo ngoLwesithathu emini yasekuseni emi ngaphansi kwezihlahla ezingaphandle kwaseWorkshop, eThekwini, egaxe ubhaka emahlombe.

Leli phephandaba libe selenza ucwaningo ngalo mdlali kwazise abadlali bale kilabhu bahlala ngaphakathi endaweni kanokusho yale kilabhu eseMgungundlovu. Libe selithola ukuthi le kilabhu ifuna ukumfaka amasondo kodwa uyanqaba ukusayina incwadi yokumkhulula ngenxa yokungavumelani ngemali yesehlukaniso.

Libe selithola ukuthi lo mdlali umatasa uzama ukuhlangana nezazi zomthetho ukuze abophe umndeni wakwaMpisane ongabanikazi bale kilabhu. Leli phephandaba lishayela uZikalala ngalolu daba, ulinekele konke ngesimo abhekene naso kwi-Eagles.

"NgoLwesihlanu olwedlule bangibizele ehhovisi bangazisa ukuthi ikilabhu kayisangidingi. Ngimisiwe ukujima nekilabhu, njengoba ungibone eWorkshop nje bengiphuma ukuyozijimela ngoba njengamanje ngizilolonga ngedwa ejimini engakhona eWorkshop.

"Empeleni i-Eagles ingixosha nje, ngisasalelwe yizinyanga ezili-18 kwinkontileka yami nayo kodwa yona ifuna ukunginika umholo wenyanga eyodwa bese ngizibonela emuva kwalokho. Nginqabile ukusayina le nto futhi ngeke ngiyivume. Uma kuwukuthi kufanele kuliwe ngizokulwela okungokwami.

OLUNYE UDABA: Usezosayina kumaBhakabhaka ogijima kwiChippa

"Njengamanje kukhona abazi umthetho engibonisana nabo ngoba kangigculisekile ngalokhu abafuna ukunginika kona.

Ngicela banginike umholo wezinyanga eziyisi-6 nje kuphela bona bafuna ngithathe owenyanga. Ngingakuvuma kanjani ukuthi bangiholele inyanga eyodwa ekubeni ngisalelwe ngeziyi-18?

"Ngokwazi kwami uma kunqanyulwa inkontileka yakho kufanele zivumelane futhi zigculiseke zombili izinhlangothi kungasizakali oyedwa omunye adonse kanzima yingakho ngizokulwa uma kufanele kube njalo," kusho uZikalala.

Limubuza leli phephandaba ukuthi ngabe akhona yini amakilabhu ameshelayo njengoba esebhekene nalezi zindaba, uthe: "Okwamanje yinto engingakayisukumeli leyo. Ngifuna kuqale kuphele le nto ephakathi kwami ne-Eagles. Kangikwazi ukugijimela okunye kusenale nkinga. Kufanele ngiqale ngiqede ngalena. Ngiyaxoxa nabangeluleka ngokomthetho futhi sengiyibikelile neSouth African Football Players Union (Safpu) ngesimo engibhekene naso yangeluleka ngokufanele ngikwenze."

Leli phephandaba lithinta uRichard Makhoba oyiMenenja-jikelele ye-Eagles ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngodaba oluthinta izinkontileka zabadlali bakhe ngoba yinto yangaphakathi ekilabhini.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.