Umdlali usevikele isinqumo sikaLionel Messi

2016-07-02 14:04

Johannesburg - UCarlos Tevez usevileke isinqumo sikaLionel Messi sokuthatha umhlalaphansi ekumeleni izwe lakhe ebholeni likanobhutshuzwayo.

UTevez uqhube ngokuthi zimapeketwane izinto ku-Argentine Football Association, kubika iKickOff.com.

UMessi, 29, umemezele ngenyanga eyedlule ukuthi usebeka amakhokho ethala ekumeleni izwe lakhe kulandela ukuthi eshwebe i-penalty ezakhe zidlala neChile koweCopa America Centenario.

Lo mdlali ogijima kuBarcelona waveza ukuthi "usekhathele" yiqembu lesizwe ngoba kuyacaca ukuthi akadalelwe ukudlalela lona.

OLUNYE UDABA: Sibhekwe yidlozi - Messi

UTevez, oseke wadlalela i-Argentina izikhawu ezingu-76, uthi i-AFA nayo inesandla esinqumeni sikaMessi.

"Kuningi okungahambi kahle ku-AFA," kusho uTevez etshela iTyC Sports.

"Abadlali bayazikhandla kepha i-AFA ayinandaba nabo. Usekhathele, futhi angimsoli ngoba nami ngake ngacikeka kaningana," esho.

UMessi wafaka amagoli angu-55 emidlalweni engu-113 emele izwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.