Umdlali uthi uyazisola ngokujoyina iChiefs

2017-01-26 14:31

Durban - Uyazisola umdlali weKaizer Chiefs osanda kubolekiswa yile kilabhu kwiPlatinum Stars azicelele ukuya kuyona kwazise ubenyiwa yisikimu kwezikaSteve "Mphathi" Komphela opheka Amakhosi.

IChiefs imemezele u-Innocent Mkhabela njengomunye wabadlali ebasayinisile ekuqaleni kwesizini. Ibimthathe kwiSuperSport United abengasasitholi isikimu kuyona.

Nokho selokhu efike kwiChiefs isikimu usizwa ngendaba, ijezi ulithola esikimini esincane sale kilabhu seMultiChoice Diski Challenge (MDC).

Njengoba izinto bezingamuhambeli kahle lo mdlali eKhosini, uzicelele kwiPlatinum Stars ukuba imtakule abuyele kuyona kwazise uke wayidlalela phambilini. UMkhabela ubolekiswe kwiPlatinum kuze kuphele isizini.

ILANGA lithinta uCavin Johnson ocija iPlatinum ngalolu daba, uphumele obala ngokuzisola kukaMkhabela ngeChiefs.

OLUNYE UDABA:IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

"UMkhabela ungitshele ukuthi akajabulile neze kwiChiefs njengoba engadlali futhi uyabona ukuthi ngeke alinuke ijezi wabe esecela ukuba ngimlande noma okungenani ngimuboleke ukuze athole ithuba lokudlala. Bengingeke ngiliyeke ithuba elinjalo yingakho ngibe sengibikela abaphathi bekilabhu. Udlalile ngaphansi kwami, ngimazi njengoba ngizazi," kusho uJohnson.

EzikaJohnson kazizibekile phansi njengoba zingenisisa emakhethe. Ngeledlule zimemezele ukuthi zisayinise uWillem Mwedihanga obedlala kwi-University of Pretoria ngesizini edlule, u-Abia Nale obekwiMaritzburg United noGerald Phiri obesemabhukwini eBidvest Wits.

Iqinisa isikwati sayo nje, yingoba izokuba yingxenye yemidlalo yeCaf Confederation Cup ezogijima kuyo ne-Uniao do Songo yaseMozambique ngoNhlolanja (February).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.