Umdlali weChiefs usefakwe enkantolo ngumphathi wakhe

2016-11-15 16:01

Cape Town – Sekusabalale imibiko yokuthi umgadli weKaizer Chiefs, u-Edward Manqele, usefakwe enkantolo yilowo owayengumphathi wakhe, uJosiah Mphono.

Kusolwa ukuthi uManqele kanye noMphono bebelokhu benomdonsiswano osudonse isikhathi eside, njengoba lo owayengumphathi wakhe ethi ukweletwa imali yilo mdlali weChiefs.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

“Inkinga phakathi kwethu kanye nalo mfana (uManqele) imayelana nokuphulwa kwenkontileka. Sasinenkontileka ayiphula futhi, manje, ngendlela izinto eziyiyona, kubukeka engathi silwa naye,” uMphono utshele iSoccer Laduma.

“Sakhonjiswa ukuthi uhola malini kanye nobude benkontileka yakhe. Kwaba ngemumva kwalokho, ukuthi inani okwakumele asikhokhele lona lanqunywa khona. Sonke savumelana ukuthi wayezosikhokhela izikhawu ezimbili.

“Wakhokha isitolimende sakhe sokuqala ngomhlaka-28 kuJanuwari njengokwesivumelwano kanti isitolimende sesibili kwakufanele sikhokhwe ngoJulayi, kodwa wahluleka ukukhokha. Watshela ummeli wami ukuthi ube nezinkinga ngemoto yakhe nokuthi inkampani yomshwalense yayingayikhokheli, ngakho wayesebenzisa imali ukulungisa imoto yakhe.”

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala usedlale imidlalo engu-22 wase washaya igoli elilodwa kulesi sikhathi selokhu afika eNaturena. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.