Umdlali welePSL kulindeleke asayine isivumelwano neqembu elikhulu laphesheya

2017-08-21 12:31

Cape Town – Umdlali wasemuva we-Ajax Cape Town, uRivaldo Coetzee, kulindeleke ukuba asayine sivumelwano esikhulu nekilabhu engompetha yaseScotland, iCeltic, esontweni elizayo ngemuva kodaba lokuhamba kwakhe oseludonse isikhathi eside.

Lo mdlali weBafana Bafana oneminyaka engu-20 ubudala kubukeka sengathi usethole isivumelwano ekade salindelwa neqembu lase-Europe, njengoba ukuya kwakhe kuleli qembu eliqeqeshwa ngu-Brendan Rodgers kulindeleke ukuthi kumenyezelwe kuleli sonto.

Imithombo engaphakathi kuleli qembu elizinze eKapa ikuqinisekisile kwiSport24 ukuthi uCoetzee uzohamba aye eScotland ngesonto elizayo futhi sekuseduze kakhulu emenyezelwe njengomqeqeshi weCeltic.

OLUNYE UDABA: USteven Piennar ufuna ukwenzisa okukaMcCarthy esadlalela iPirates

Lo mdlali owaphekwa eqenjini lokuthuthukisa abafana abancane kuma-Urban Warriors, obedlala ngesikhathi leli qembu lidlala ngokulingana ngo-1-1 neGolden Arrows ngoMgqibelo, kubikwa ukuthi uchaze ithimba leCeltic elithungatha abadlali ngokukwazi kwakhe ukudlala ibhola esuka emuva.

URodgers usanda kuphawula kwabezindaba nalapho kwaqina khona izinsolo zokuthi lo mdlali sekusele kancane ajoyine leli qembu ngesikhathi ebuzwa yizintatheli ngemibuzo elokhu ikhule njalo kwabezindaba eNingizimu Afrika kanye naseScotland ngalesi sivumelwano sika­-Coetzee.

“Ngempela kumayelana nokutholakala komdlali,” watshela izintatheli.  

“Sizobheka ukuletha izinga eliphezulu uma liba khona. Yinto ebesilokhu sisebenzela kuyona emasontweni ambalwa edlule.”

UCoetzee, nothathwa yiningi labaseNingizimu Afrika njengesitobha esihamba phambili ngemuva kukaLucas Radebe, usezodlalela enye yamakilabhu anomlando omkhulu e-Europe.

Uzophinde athole nokudlala kwiChampions League njengoba iCeltic kulindeleke ukuthi idlulele phambili esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano wase-Europe uma ngabe isibhekene ne-FC Astana, eKazakhstan, ngoLwesibili, njengoba isivele isihamba phambili ngo-5-0 ngemuva komlenze wokuqala. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.