Umdlali weqembu eligijima ku-PSL nomfowabo bakhiphe ingoma

2017-03-25 09:04

Durban - Umdlali webhola likanobhutshuzwayo odlalela iqembu elikhulu laseThekwini, usengene emculweni.

U-Andile Fikizolo ogijima kwiLamontville Golden Arrows uthi inhloso yakhe ngokungena emculweni wukuthi uzama ukufukula umfowabo uKhangelani Fikizolo odume ngelikaStix Manyanyisa osenesikhathi ekule mboni yomculo.

U-Andile uthi umfowabo unesikhathi eside kakhulu ekule mboni kodwa izinto zakhe azihlangani kahle.

OLUNYE UDABA: Ungena emculweni umlingisi weSibaya

"Cishe sekuphele iminyaka engaphezu kuka-8 uStix esemculweni kodwa izinto zakhe azihambi kahle. Ngibone kungcono ukuba ngisebenzise abantu engibaziyo abafana noPrince onguphrojusa wase-Afrotainment nabanye," kusho yena.

Lo mdlali webhola uthe umfowabo uyawazi kakhulu umculo futhi unekhono eliyisimanga kanti sekushoda kancane ukuthi izinto zakhe zihlangane.

UCarrot kanye noStix Manyanyisa basanda kudedela ingoma ethi, Izinsimbi, kanti lo mdlali thi naye ukhona kule ngoma njengoba elekelela umfowabo.

Uphethe ngokuthi uyazi ukuthi abantu bazocabanga ukuthi ukucula kuzomphazamisa ebholeni kodwa uthi ufuna ukukubeka kucace ukuthi okwamanje usiza umfowabo, kubika iLANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.