Umdlali wodumo usebizelwe enkantolo ngezinsolo zokubalekela intela

2017-06-21 07:12

Madrid – Isethenjwa somdlali weReal Madrid, uCristiano Ronaldo, esisolwa ngokubalekela ukukhokha imali yentela engu-€14.7m, sesibizelwe ukuba sizovela ngaphambi kwejaji eSpain ngomhlaka-31 Julayi, imithombo yezobulungiswa itshele i-AFP.

URonaldo, 32, okubikwa ukuthi usefunge wagomela ukuthi angeke aphinde ayidlalele iReal Madrid, ubizelwe enkantolo yaseMadrid ngomhlaka-31 Julayi ukuze ezophendula ngamacala amane okubalekela ukukhokha intela kwenani lika-14.7 million euro ($16.5m).

Ngaphezu kwalokho iziphathimandla ezibhekelele ukuqoqwa kwentela eSpain zifuna uJose Mourinho, umqeqeshi weManchester United, nosolwe ngoLwesibili ngokubalekela ukukhokha u-3.3 million euro ($3.7 million) wentela ngesikhathi ehleli eReal Madrid.

OLUNYE UDABA: U-CR7 utshele abaphathi ukuthi 'benze indlela yokumbuyisela kwi-Man U'

URonaldo ongeneme neze, nosewine indondo yokuba ngumdlali ovelele emhlabeni izikhathi ezine, sekunongabazane ngekusasa lakhe kulezi zinkunzi zaseSpain kanti useyamaniswe ne-United kanye namanye amaqembu amakhulu ngemuva kokumemezela ngentukuthelo ngesonto eledlule ukuthi unembeza wakhe “umsulwa”.

Ngokwemibiko yabezindaba, uRonaldo akasahleli neze kahle kuReal Madrid njengoba ekholwa ukuthi labo mpetha base-Europe abazange bamusekele ngokugcwele njengoba kade ethembile ekungabonini kwakhe ngaso linye nabaqoqi bentela.

Ngale kwalokho useke wakhononda izikhathi eziningi ngaphambilini ngabalandeli beReal, abebebuye babe nomkhuba wokumhhahhameza kwesinye isikhathi ngomdlalo wakhe enkundleni.

Kodwa-ke noma kunjalo uMengameli wale kilabhu, uFlorentino Perez, udalule ukuthi azikho iziphakamiso abesazitholile zokuthenga lo mdlali futhi le kilabhu ifuna ukumgcina.

Ngaphambilini iMarca ibike ukuthi uRonaldo usebatshelile ozakwabo ukuthi uyashiya futhi “akukho ukubuyela emuva”.

Iphephandaba lezemidlalo lasePortugal, i-A Bola, nalo libike ukuthi uPerez usevele usetsheliwe ngesinqumo salo mdlali. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.