Umdlwenguli uzicelele ukulengiswa kunokuya ejele

2018-03-08 14:02

Harare - Inkantolo yaseZimbabwe ngoLwesithathu igwebe umdlwenguli obebhekene namacala ayishumi okudlwengula, iminyaka engu-72 etholoza ejele.

Nokho lo mlisa unxuse inkantolo ukuba imnikeze isigwebo sentambo kunokuba ayohlala ejele.

UCharles Matanga Chigombedze, 31, obehlalise kabi abantu besifazane endaweni yaseChivi, zimkhalele ngoMsombuluko wabe esevela eNkantolo yesiFunda yaseMasvingo ngaphambi kweMantshi uDavidzo Malunga ngoLwesithathu eseyokwehliselwa isigwebo.

UChigombedze wazivumela ngokwakhe ukuthi wadlwengula abantu besifazane abangaphezu kweshumi phakathi kuka-2017 no-2018.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe iminyaka engu-319 owesilisa waseThekwin

Emaphepheni afakwe enkantolo aveza ukuthi ngoJuni 2017, uChigombedze wadlwengula owesifazane eChitembe, ngaphambi kokudlwengula umfundi.

Waphinde wadlwengula omunye umuntu wesifazane owayewasha izingubo emfuleni.

Ngo-Okthoba 2017, wadlwengula owesifazane owayesendleni eya esontweni. Waphinde wadlwengula unkosikazi wephoyisa.

Inkantolo itshelwe ukuthi ngoJanuwari 2018, uChigombedze wadlwengula intombazane, 14, eyayiyolanda izinkomo ngasemfuleni.

Umshushisi woMbuso uMukai Mutumhe ulandise inkantolo ngesigameko lapho uChigombedze adlwengula khona owesifazane epulazini eliseBhuka Business Centre, eMasvingo.

Kuyona leyo nyanga waphinde wadlwengula ingane ayithola ilele kubo kanye nowesifazane amdlwengulela emgwaqeni.


 - ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.