Umeluleki wesikole uzogcinwa esitokisini amasonto amabili

2016-07-04 16:06

Durban - Umeluleki wesikole esiseMgungundlovu osolwa ngokudlwengula uzochitha amasonto amabili ejele ngemuva kokugodlwa kwesinqumo senkantolo ngesikhathi efaka isicelo sebheyili eNkntolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko.

Le ndoda eneminyaka engu-31 ubudala ibhekene namacala amathathu okudlwengula izingane kanti kuphenywa amanye amacala abalelwa phakathi kwangu-10 nangu-15.

OLUNYE UDABA: Umeluleki wesikole uzofaka isicelo sebheyili ngelokudlwengula

Umeluleki usexoshiwe emsebenzini. Usolwa ngokusabisa izingane ngokuzitshela ukuthi uzobulala abazali bazo.

Umshushisi uPatti David utshele inkantolo ngoMsombuluko odlule ukuthi le ndoda yayivalela abafana abaneminyaka ephakathi kwengu-4 nengu-9 ubudala ehhovisi layo lapho okusolwa khona ukuthi ubezidlwengulela khona.

"Le ndoda ibihlasela izingane ebezinezinkinga noma eziphuma emakhaya angekho esieni esikahle.

Igama lale ndoda lisagodliwe okwamanje njengoba ingakalivumi futhi ingakaliophiki icala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.