Durban - Kushone abantu abahlanu okubalwa kubo nengane eyodwa ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili ku-N2 ngeSonto ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bathola abagibeli abathathu emotweni eyi-SUV kanye nomshayeli wayo sebeshonile ngenxa yokulimala kabi.
"Emotweni encane kushone ingane eneminyaka engu-12 ubudala, ngesikhathi sihlola isimo sithole owesimame esabambeke phakathi," kusho uPaul Herbst okulumela abe-IPSS.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ingozi yetekisi nemoto encane eNtuzuma
Kusetshenziswe udlawu ukukhipha lo wesimame emotweni waphuthunyiswa esibhedlela.
"Sifika esibhedlela lo wesimame uvele wamelwa yinhliziyo kwalekelala odokotela besibhedlela iStanger Hospital abakwazile ukumphaphamisa wagcina esephefumula kahle."