Cape Town – UMengameli Jacob Zuma
udlulise amazwi enduduzo eDemocratic Republic of Congo (DRC) kulandela ukudla
emhlabeni komholi weqembu eliphikisayo u-Etienne Tshisekedi.
UTshisekedi ushone
ngoLwesithathu eneminyaka engu-84 ubudala eBelgium lapho ebethola khona
ukwelashwa.
Imibiko
ithi besekunesikhathi eside kuchithwa amahlebezi okugula kwakhe, kuthiwa unesifo
sikashukela.
OLUNYE UDABA:
Esitatimendeni,
uMnyango wezobudlelwane namazwe angaphandle, nezokubusa ngokubambisana (Dirco) uthe
uhulumeni waseNingizimu Afrika uthole izindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni
kukaTshisekedi.
UMnyango uthe uMengameli u-Étienne Tshisekedi uzokhunjulwa
ngeqhaza lakhe elibamba ekuguquleni isimo sezombusazwe eDemocratic Republic of
the Congo.