UMengameli uhola inkonzo yesikhumbuzo ka-Albert Luthuli eGroutville

2017-07-21 12:31

Durban - Izinkulungwane zabantu, ziholwa nguMengameli wezwe uJacob Zuma zihambele inkonzo yokukhumbula u-Albert Luthuli.

ULuthuli wayengumengameli we-ANC kusukela ngo-1952 kuya ku-1967.

Washona ngomhlaka-21 Julayi eminyakeni engu-50 eyedlule, kanti kuze kube yimanje ukushona kwakhe kuyasolisa.

Abaholi bahulumeni wobandlululo ngaleso sikhathi bathi uLuthuli washayiswa yisitimela endaweni yaseGroutville.

OLUNYE UDABA:Umlando wenhlangano I-ANC

Umndeni wakhe namanje usakulandula lokho kanti uyafisa ukuba kuke kuphenywe kabusha ngokwenzeka.

UMengameli uZuma uzobeka izimbali ethuneni likaLuthuli khona eGroutville nokuyindawo esithathwa njengeyamagugu KwaDukuza.

Kulindeleke ukuba uZuma ambule itshe elisha elisanda kwakhiwa lokukhumbula uLuthuli, kubika iSABC News.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.