UMengameli unxuse ukuba kuvikelwe izingane nabantu besifazane

2017-09-25 12:27

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma unxuse izakhamuzi zakuleli, eNingizimu Afrika ukuba zivikele abantu besifazane nezingane ekutheni bangahlukumezeki.

UZuma ubethula inkulumo ngoSuku lwamaGugu eKameelrivier, eMpumalanga.

OLUNYE UDABA:UZuma uzokwethula inkulumo eralini yoSuku lwabasebenzi

UMengameli unxenxe amalungu omphakathi ukuba ayeke ukuzibandakanya kumasiko aphula amalungelo ezingane.

"UMthethosisekelo namasiko kugqugquzela ukuphepha nokuvikeleka. Ngiyacela kubo bonke abantu bakuleli ukuba bavikele abantu besifazane nezingane ukuba bangahlukumezeki futhi bangabulawa.

"Asiphinde siyeke amasiko aphula amalungelo ezingane ezincane afana nokushadiswa ngempoqo. Asiqinisekise inhlalakahle, ukuphepha nokuvikeleka ezikoleni zokusoka."

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.