UMengameli 'usejikelwa abangani bakhe'

2017-06-11 12:15

Johannesburg - Bayanda abasondelene noMengameli Jacob Zuma abazwakalisa ukungenami ngomndeni wakwaGupta.

NgoLwesihlanu kuzwakale okokuqala uMeya waseKurhuleni, uMzandile Masina, ecela  uMengameli - ngomoya ophansi - ukuthi akasize ekuxazululeni okuhlanganisa abangani bakhe ne-ANC.

“Asiqondile ukukhethela abangani abaholi be-ANC, kodwa kumele kuyona yonke into kube nomkhawulo. Kunabantu abafela i-ANC nezwe.

"Ngeke sayekelela amandla e-ANC ngale ndlela,” esho.

ICity Press ithole ukuthi abakwaGupta banolwazi ngokungaboni ngasolinye kulabo abasondelene noZuma – okuhlanganisa ukuphikisana kukaNgqongqoshe wezezimali uMalusi Gigaba nezinye zezivumelwano zabakwaGupta.

UGigaba noMasina basondelene kakhulu  futhi “bavame ukuhamba imicimbi ndawonye”, ngokusho kwelungu lekomidi le-ANC.

OLUNYE UDABA: Sibhekene namacala isikhulu samajele eKZN

UGigaba bekulindeleke asheshise imvume yesicelo sokusungulwa kwebhange iHabib okuthiwa linobuhlobo nabakwaGupta, kodwa namanje akukho asekwenzile.

Kuthiwa lolu daba selucasule ngisho indodana kaZuma uDuduzane Zuma.

Umthombo ongaphakathi kuMmkhonto weSizwe Military Veterans’ Association (MKMVA) uthe uMasina wala ngokuxwayisa izikhulu ngokuthi uzokhuluma noZuma mayelana nomndeni wakwaGupta eNgqungqutheleni ebibanjelwe eBirchwood Hotel eKurhuleni.

Umthombo uthe uMasina usasondelene kakhulu noZuma, futhi noZuma akacasungakanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.