UMengameli uzozikhokha ngokwakhe izindleko zenkantolo kushukela

2017-12-13 11:01

EThekwini - Inkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng isikhiphe isinqumo sayo mayelana nodaba lokuthi uMengameli uJacob Zuma kumele azikhokhele ngokwakhe izindleko zenkantolo mayelana nesicelo asifaka enkantolo ukuvimba ukukhishwa kombiko wokugodlwa kumbuso.

UMengameli wafaka isicelo esiphuthumayo enkantolo ngokuthi kunqandwe ukukhishwa kwalo mbiko.

UMengameli wabuye wasihoxisa leli sicelo sakhe nokuyinto eyacasula amaqembu aphikisayo afaka isicelo sokuthi uZuma kumele azikhokhele ngokwakhe lezi zindleko.

OLUNYE UDABA:Kujabhe abaningi engaphumeleli uMengameli Zuma kwinkomfa eseThekwini

Lesi sicelo sifakwe ngamaqembu i-DA, EFF, COPE kanye ne-UDM.

"Sifake isicelo sokuthi uZuma kumele azikhokhele yena izindleko zokuya enkantolo ngemali yakhe, lokhu kuzothumela isifundo nakwabanye oNgqongqoshe ukuthi bangathathi ngamawala uma bethatha izinqumo zokuya enkantolo,"kusho lawa maqembu aphikisayo.

UMengameli wamaJaji uDustan Mlambo uthi isinqumo sanamuhla (ngoLwesibili) sithathwe ngokuvumelana namanye amajaji asebenzisana nawo.

UMlambo uthi uMengameli uthathe ngamawala ngesinqumo sakhe engasicabangisisanga kahle.

Kungenzeka ukuthi lokhu kwenzeke ngenxa yokuthi ithimba labammeli bakhe alizange limeluleke kahle, noma badidekile ngalokhu abebefuna ukukuzuza.

"UZuma bekazi kahle ukuthi uMvikeli woMphakathi wenza uphenyo mayelana nalolu daba, kodwa akazange aluthathele phezulu ngesikhathi emenywa emihlanganweni. UMengameli usekuthathele phezulu lokhu ngokuya enkantolo yize esezwile ukuthi umbiko uzokhishwa uma uMvikeli woMphakathi uzowukhipha

UMengameli uzokhokha ngokwakhe izindleko zenkantolo kushukela ngomhlaka 14 Okthoba 2016.

UMholi weqembu eliphikisayo uMmusi Maimane uthe uyasamukela isinqumo senkantolo nokuyinto enqanda uZuma ekudleni imali yabakhokhi bentela ngendlela eyibudedengu.

"Okusele manje wukuthi kusungulwe uKhomishana ozophenya ngalokhu okuvezwe wuMbiko Wokugodlwa kwamandla oMbuso,"kusho uMaimane

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.