Umengameli we-MKMVA uthi uzomeseka uZuma enkantolo

2018-04-05 11:00

Johannesburg – Umengameli woMkhonto We Sizwe Military Veterans Association (MKMVA) uKebby Maphatsoe uthi uzobe eseThekwini ngoLwesihlanu ukweseka lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma uma esevela enkantolo ngamacala enkohlakalo.

UMaphatsoe ungomunye wabaholi ebebekhona emzini kaWinnie Madikizela-Mandela eSoweto ukuzoduduza umndeni waleli qhawe lomzabalazo.

Uthe uyawuhlonipha umyalelo we-ANC wokuba amalungu ayo afuna ukweseka uZuma enkantolo akumele agqoke izimpahla noma imibala ye-ANC.

OLUNYE UDABA: I-SACP ithi ngeke imeseke uZuma enkantolo

"Kwi-MK safundiswa ukungashiyani ngemuva, uyamthwala umuntu kuze kube uyasibalekela isitha. UZuma usayilungu le-ANC futhi wayengumengameli we-ANC,” usho kanje eetshela izintatheli.

"Mayelana namacala…umyalelo awusho ukuthi asililahle iqabane le-ANC, kodwa uthi asingabonakali njenge-ANC seseka umuntu obhekene namacala…kodwa ke futhi uJacob Zuma umsulwa kuze kube inkantolo imlahla ngecala.”

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.