UMengameli weCosatu uphika imibiko ethi 'uhlabe ikhefu lokugula'

2017-09-26 19:31

Durban – UMengameli weCosatu uSdumo Dlamini useyiphebezile imibiko yabezindaba ethi wagcina ukubonakala emicimbini yalo mfelandawonye mhla uMengameli Jacob Zuma ehhahhanyezwa emgumbweni weMay Day, eBloemfontein.

"Kunemibiko yabezindaba ethi angisabonakali emicimbini yomfelandawonye ngoba ngaphoxeka ngokwenzeka eBloemfontein ngoMeyi ngesikhathi umengameli enqatshelwa ukuba ethule inkulumo ngeMay Day embuthaneni weCosatu.

"Ngiqhuba umsebenzi weCosatu ngaso sonke isikhathi...kepha ngeke ngicele ukuba ningilandele ngoba angisiye umculi odumile uMichael Jackson," esho ngoLwesibili.

UDlamini, obekhuluma nabezindaba mayelana namalungiselelo emashi yeCosatu ehlelelwe uLwesithathu, usole abezindaba ngokuzishaya ngesithende izinkulumo abezenza emicimbini yakamuva.

OLUNYE UDABA: 'Asivoteli umfundisi', kusho abe-Cosatu beseka uRamaphosa

"Emasontweni amabili edlule bengilapha e-KZN ngizokhuluma emhlanganweni wama-shop steward. Abezindaba bahamba ngingakayethuli ngisho nenkulumo yami. Bahamba ngemuva kokuthi uBlade Nzimande ethe angikho futhi angitholakali," esho.

UDlamini uthe "uyabona ukuthi abezindaba bazama ukuhlanganisa umbiko ongamanga ngaye othi uthathe ikhefu ngoba engaphilile".

"Ngingumqemane futhi angikaze ngibe sekhefini lokugula. Ngisayingxenye yemisebenzi yomfelandawonye. Angikaze ngibonane nadokotela, ngiye phesheya kwezilwandle izinsuku ezine nje vo, hhayi amasonto amabili. Ngenza umsebenzi weCosatu," esho.

Usole labo abathi iCosatu kumele ihlukanise umbimbi lwayo ne-ANC njengabanezinhloso ezithile.

Uthe akanaso isikhathi sokuphendula izimfamona ezithi le mashi ngeke ibe yimpumelelo.

UDlamini uthe utshalwe e-KZN ukuba azosiza ngamalungiselelo okuhlanganisa imashi yangoLwesithathu emelene noZuma.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.